Umdlavuza ngeke ungivimbe ekuyeni kweyomhlaba: umqeqeshi

Dylan Bettencourt

Umphathi we-Netherlands uLouis van Gaal uhlose ukuhola iqembu lesizwe lebhola lezinyawo e-Qatar uma sekuqala iNdebe yoMhlaba. 

Lo mphathi oneminyaka engu-70 ubudala udalule bukhoma ohlelweni lukamabonakude i-RTL ngeSonto ukuthi ubelapha umdlavuza okhahlaza isinye ngaphandle kolwazi lwabadlali bakhe.

“Isimo sami bengisigcinile kubadlali ngoba bengingafuni siphazamise ukudlala kwabo enkundleni,” kusho uLouis.

“Ngicabanga ukuthi akumele ubatshele abantu osebenzisana nabo ngalezi zinto ngoba zingaba nomthelela ekukhetheni kwabo nasekuthatheni izinqumo. Ngakho ngacabanga ukuthi akufanele bazi.

Awubulali umdlavuza wesinye, ikakhulukazi u-90% wabantu aseke baba nawo bayasinda.

Kuba izifo ezikhona ezikubulalayo.

“Kodwa nami lo mdlavuza obungphethe ubunzima kangangokuthi ngize ngalashwa izikhathi ezingu-25.  Kuningi okumele ukwenze ukuze uphumelele empilweni,” kusho uLouis.

Njengamanje uVan Gaal ujabulela isizini yakhe yesithathu neqembu lesizwe lase-Dutch ngemuva kokulihola liqede endaweni yesithathu kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ka-2014 e-Brazil.

Uqhubekile nokuphatha i-Manchester United isikhathi eside kodwa akaphumelelanga  amasizini amabili e-England waxoshwa ezinsukwini ngemuva kokuwina i-FA Cup.

UVan Gaal uthe wathola ukwelashwa okukhethekile ngesikhathi engeniswe esibhedlela.

“Ngavunyelwa ukuthi ngingene ngomnyango ongemuva ngesikhathi ngiya lapho ngangiya khona ngaphuthunyiswa kwelinye igumbi. Bengiphethwe kahle ngendlela emangalisayo,” kuchaza umphathi weqembu.

UVan Gaal usebe ngumphathi webhola cishe iminyaka engamashumi amane, ephatha abadlali abafana ne-Barcelona, i-Bayern Munich ne-Ajax, ewine izicoco zeligi ezimbalwa kanye neligi eyodwa yompetha ngo-1995.

I-Netherlands iqhathwe ku-Group A weNdebe yoMhlaba lapho izobhekana khona nabasingathi bemidlalo i-Qatar, i-Senegal ne-Ecuador.

Umthombo wesithombe: @ChinaDaily

Scrolla World Cup Quiz