Dylan Bettencourt
Imidlalo yekhilikithi e-New Zealand ivamise ukuhlehliswa ngenxa yesimo sezulu, kodwa akujwayelekile ukuthi ihlehliswe ngenxa yokuhlasela kwezinyosi ebezingalindelekile.
Ukuhlasela kwezinyosi kubangele ukuthi abadlali nonompempe bazame ukuzivikela njengezimpukane befuna indawo abazophepha kuyo ngesikhathi somdlalo we-Plunket Shield kudlala i-Wellington ne-Canterbury e-Wellington’s Basin Reserve.
Ngokujabulisayo, iqulu lezinyosi lidlule ngokushesha futhi ukudlala kwavunyelwa ukuthi kuqhubeke njengoba iqembu lasekhaya belilandela ngemuva ngama-runs angama-54.
Akukhona okokuqala ukuthi izinyosi zihlasele umdlalo wekhilikithi. Ngonyaka wezi-2017, abafuyi bezinyosi baseNingizimu Afrika kwadingeka ukuthi basize umdlalo ngemuva kokuhlaselwa izinyosi enkundleni yaseGoli ngenkathi kudlala i-Sri Lanka.
Ngemuva kweminyaka emibili umdlalo phakathi kwezinhlangothi ezifanayo waphazanyiswa izinyosi ngesikhathi sendebe yomhlaba yekhilikithi yonyaka wezi-2019.
Umqeqeshi we-Wellington, uGlenn Pocknall, uthe nakanjani bekuqala ngqa kuye ukuthi kumiswe umdlalo ngenxa yezinambuzane.
“Bengikwelinye uhlangothi lenkundla nomqeqeshi uDoug Watson futhi sabona wonke umuntu ewa phansi. Besingenaso isiqiniseko sokuthi kwenzekani,” kusho lomqeqeshi.
“Ngemuva kwemizuzwana engama-30 noma engama-40 sithole ukuthi kunezinyosi ezindizayo. Kufana nento engake ngayibona e-Basin. Kuyaxaka nje,” kusho umqeqeshi.
Ngesikhathi umdlalo wasekhaya wekhilikithi ubhekene nokuhlaselwa izinyosi, iqembu labo lamazwe ngamazwe le-T20 lihlule i-Afghanistan ngamawikhethi ayisishiyagalombili ukuze lidlulele kumqhudelwano owandulela owamanqamu futhi lizobhekana ne-England eyintandokazi yabaningi ngoLwesithathu.
Umthombo wesithombe: @BlackCaps