Umdlalo webhola lomnqakiswano ubuyile!

Timmy T Maranda

UMengameli we-Netball South Africa uCecilia Molokwane umemezele ukuqala kabusha kwayo yonke imisebenzi ehlelelwe imidlalo yebhola lomnqakiswano eNingizimu Afrika.

UMolokwane ukuqinisekisile ukuthi imidlalo yebhola lomnqakiswano izoqala kabusha kusukela ngoMsombuluko womhla ziyi-8 kuNhlolanja.

“UMengameli uyavuma ukuthi isinqumo sokuqhubeka besingelula ngoba namanje sisabhekene nobhubhane futhi kufanele siqaphele,” kusho uCecilia.

“Siyakuqonda ukuthi uma imithetho nemigomo yehliswa, kufanele sinikeze abadlali bethu, abaqeqeshi nabaphathi ithuba lokwenza abakuthanda kakhulu, okuwukudlala ibhola lomnqakiswano.”

I-Spar Challenge obekufanele yenzeke ekuqaleni konyaka manje izodlalwa kusukela mhlaka zingama-24 kuya kumhla zingama-31 kuNdasa futhi izobanjelwa endaweni ephephile ngokwemvelo eKapa.

UMolokwane ukhuthaze amaqembu angathanda ukuqhubeka nokuzilolonga, ukuthi asingathe imitholampilo yokuqeqesha, izifundo kanye neminye imisebenzi ephathelene nebhola lomnqakiswano ukuletha izinhlelo zawo zokulwa nobungozi kwi-Netball SA ukuze ivunyelwe njengoba bengabaphathi bebhola lomnqakiswano ezweni.

“Sinxusa labo abafuna ukwenza noma yimiphi eminye imicimbi ephathelene nomdlalo webhola lomnqakiswano ukuthi bayenze ngokuxhumana ne-Netball SA.”

Umthombo wesithombe: @NetballSA