Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
IDolobha laseThekwini lithemba ukuthi umdlalo wombhoxo ozayo phakathi kwamaBhokobhoko ne-Ireland uzothuthukisa umkhakha wezokuvakasha odonsa kanzima.
IPhini leMeya, uZandile Myeni uthe umdlalo wesibili wokuvivinya la maqembu womabili eKings Park Stadium ngoMgqibelo uzongenisa imali engaphezu kuka-R300-million udale namathuba etoho angaphezu kuka-500.
Imali engenayo yeTheku kwezokuvakasha yehlile eminyakeni edlule ngenxa yobugebengu, ukungabi bikho kwezindawo zokuzijabulisa namabhishi angcolile, angcoliswe yindle.
Izindawo zasemalokishini ezidumile njenge-eYadini Lounge nazo sezivaliwe.
NgoZibandlela umbiko uveze ukuthi imali engenayo yezokuvakasha kuleli dolobha yehle ngo-22%.
UMyeni uthe lo mdlalo uzoholela ekusetshenzisweni okuqondile kuka-R125-million kanye nokukhulisa i-GDP ngo-R309-million, kudaleke amathuba emisebenzi angu-559.
“Ukusingatha imicimbi yalolu hlobo kuletha umfutho odingeka kakhulu kwezokuvakasha zendawo kanye nomnotho,” usho kanje.
AmaBhokobhoko ashaye i-Ireland ngo 27-20 kwisivivinyo sokuqala ePitoli ngeledlule. Sekuwumlando ukuthi amaBhokobhoko asenqobe imidlalo engu-19 kwengu-29 edlala ne-Ireland kusukela ngo-1906.
Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ulethe abalandeli bebhola lombhoxo ababalelwa ku-52,000, okuhlanganisa nezivakashi zakwamanye amazwe ezingu-2,080, izivakashi zasekhaya ezingu-11,440, kanye nezivakashi zosuku ezingu-38,480.
Esithombeni esingenhla: IPhini leMeya yeTheku, uZandile Myeni uthi umdlalo wombhoxo wamaBhokobhoko ne-Ireland uzoletha imali engaphezulu kuka-R300-million kuleli dolobha.
Umthombo: Sithunyelwe