Dylan Bettencourt
Ukuba khona khwerobhothi kwezemidlalo akuhambanga kahle njengoba bekuhlosiwe futhi lokho kubeke engcupheni impilo yengane eneminyaka eyisikhombisa.
I-Chess iwumdlalo ofuna umqondo osheshayo noma ocabanga ngokushesha.
Nokho irobhothi elakhelwe ukudlala i-chess kubukeka sengathi aliqeqeshwanga ngokwanele futhi aliqeqeshwanga ukungabi nodlame.
Emqhudelwaneni we-Moscow Open chess irobhothi elidlala i-chess e-Russia lixakwe indlela umfana abedlala ngobuchule ngayo lavele ladonsa umunwe wakhe.
“Irobhothi libe seliphula umunwe wengane,” kusho uSergey Lazarev uMengameli we-Moscow Chess Federation etshela abezindaba ze-TASS.
Ividiyo yesigameko esenzeke ngomhlaka-19 kuNtulikazi ikhombisa irobhothi libambe umunwe wengane imizuzwana ngaphambi kokuthi owesifazane nabesilisa abathathu baphuthume beyodonsa umfana.
USergey Smagin oyiPhini likaMenganeli we-Russian Chess Federation uthe irobhothi lihlasele umfana ngemuva kokuthi enze umnyakazo lingakaqedi ukudlala. Umfana ubehlose ukudlala ngokushesha okuthukuthelise irobhothi.
“Kunemithetho ethile yezokuphepha futhi nengane, kuyabonakala ukuthi iyephulile. Ngesikhathi iqala idlala ayizange inake ukuthi kumele iqale ilinde irobhothi liqede,” kusho uSmagin etshela i-Baza.
“Leli icala eliqala ngqa ukwenzeka.”
UMengameli uLazarev nokho usichaze ngendlela ehlukile lesi sigameko wathi ingane isheshe yadlala kanti bekumele inikeze irobhothi ilokho okuholele ukuthi kwenzeke lesi sigameko.”
Noma ngabe lesi sigameko senzeke kanjani, uLazarev uthe onjiniyela bamarobhothi kuzofanele baqale phansi bayocubungula kabusha ukwenziwa kwaleli robhothi.
UMengameli wengeze ngokuthi umfana ongomunye wabadlali be-chess abangu-30 abahamba phambili e-Russia abaneminyaka engaphansi kweyisishiyagalolunye, ubengabonakali ehlukumezekile ngalesi sigameko.
“Ingane ikwazile ukudlala ngakusasa yaqeda umqhudelwano ngesikhathi amavolontiya esiza ukubhala phansi amaphuzu.”
Abazali bengane nokho kubikwa ukuthi bathinte ihhovisi labashushisi bomphakathi mayelana nalesi sigameko.
Umthombo wesithombe: @Newsweek