Sekuyisikhathi esingakanani izingane zidlala umdlalo we-diketo nowe-moruba? UThabiso Sekhula uthole into emangalisayo
Ngenze ucwaningo oluncane kuleli sonto nomndeni wami, abangani kanye nabangani bami basezinkundleni zokuxhumana. Inhloso yalolu cwaningo bekuwukuthola ukuthi bazi kangakanani ngemidlalo yomdabu esikhule siyidlala.
Umbuzo wami wokuqala ubuthi ngabe bayayazi yini imidlalo emibili i-diketo ne-moruba. Bonke abantu engibabuzile bathi bayayazi le midlalo kanti cishe u-60% wabo bathe babeyidlala ngesikhathi besabancane. Iyaziwa ngempela le midlalo futhi iningi lethu sinezinkumbulo ezinhle zesikhathi esimnandi ngesikhathi sisebancane sidlala le midlalo.
Ku-Diketo umdlali ujikijela itshe elaziwa ngokuthi “i-mokinto” emoyeni bese ezama ukukhipha amatshe amaningi endingilizini ngaphambi kokuthi alibambe ngesandla esisodwa. Bese ebuyisela itshe ngalinye emgodini. I-Moruba umdlalo we-mancala.
Kodwa-ke umbuzo wami wesibili ubungaziwa muntu futhi akulona iphutha lanoma ubani – akekho owazi impendulo. Ngisho ne-Google ayiyazi impendulo. Midala kangakanani le midlalo?
I-Wikipedia ithi le midlalo emibili idabuka e-Limpopo futhi lokho kuyiqiniso ngokwazi kwami, kodwa i-inthanethi ayinazo izinsuku noma izilinganiso zokuthi imidlalo indala kangakanani. Enye indatshana iqagela ukuthi le midlalo yaqala ukudlalwa ekuqaleni kwango-1900, kodwa iningi kakhulu incazelo yalokhu.
Ngisanda kuya epaki yase-Mapungubwe, futhi bekungokokuqala ngqa ngthatha uhambo lwase-Mapungubwe Hill. Phezulu egqumeni kwakhiwa umlando wezakhamizi zokuqala ze-Shashe confluence lapho elakuleli, i-Zimbabwe kanye ne-Botswana ezihlangana khona (indawo lapho ithuna leSilo kanye neleNdlunkulu yase-Mapungubwe atholakala khona nobhejane wegolide, induku yegolide, uphondo lwendlovu kanye nobuhlalu) ilapho okutholakala khona incazelo ebanzi mayelana nokuthi le midlalo midala kangakanani.
Uma kuwukuthi uyayazi indaba yase-Mapungubwe uyazi ukuthi lobu bukhosi babuseqophelweni eliphezulu eminyakeni engu-1,000 edlule. Cabanga ukushaqeka nokumangala kwami ngesikhathi ngiphezulu entabeni eqoshwe etsheni ngithola indawo lapho umdlalo we-moruba nowe-diketo eyayivame ukudlalwa khona.
Itshe elise-Mapungubwe lithambile ngakho ukuze bakhe izisekelo zezindlu zabo izakhamizi zikha inhlabathi kulelitshe. Nasemidlalweni abayidlalile benza okufanayo. Futhi ngiyabonga ngoba ngisho nesikhathi asikwazanga ukusula ubufakazi bale midlalo.
Ngesikhathi ngibhala ngalokhu okutholakele abantu abavela e-Afrika yonkana badalule ukuthi baphinde bawudlale kanjani umdlalo we-moruba emazweni abo ngisho nakude njengase-Tanzania.
Enye incazelo kungaba ukuthi ekupheleni kombuso wase-Mapungubwe lapho abantu abahamba khona ngezizathu ezingaziwa, bathatha isiko kanye nale midlalo njengoba besabalele e-Afrika yonkana. Kuyintenhle kakhulu lena etholakele.
Esithombeni esingenhla: Izingane zidlala i-diketo
Umthombo wesithombe: Wikimedia