Umdlalo wamanqamu womkhaya uzobe useWembley

Lubhalwe nguRazeen Gutta

I-Manchester United ishaye i-Brighton ukuze ihlungele umdlalo wamanqamu we-Derby we-FA Cup nezimbangi zayo i-Manchester City.

Kuvele kwacaca ukuthi owamanqamu uzobe uphakathi kwe-Manchester City ne-Manchester United kodwa i-Brighton ibikulungele ukubanga isiphithiphithi e-Wembley ngeSonto.

Iqembu likaRoberto De Zerbi liqale kahle kakhulu njengoba u-Alexis McAllister ecishe washaya igoli nge-free kick umdlalo usanda kuqala.

I-Manchester United iyona ebiphethe ibhola ngesikhathi umdlalo uqhubeka kodwa i-Brighton ilingane nayo ngemizamo yokushaya amagoli kodwa izinhlangothi zombili bezizabalaza phambi kwamapali.

UMarcus Rashford uwadlale wonke amahora amabili njengoba ebuyile ngemuva kokulimala kodwa akakwazanga ukushaya igoli yize besekusondele esikhathini esengeziwe.

I-Brighton yehlulekile ukushaya amagoli ngemuva kokuthola amathuba amane emidlalweni eyisithupha e-Wembley; futhi ayikaze iwine enkundleni yezemidlalo yeqembu lesizwe.

Bekubukeka sengathi izinto zizoshintsha ngesikhathi umdlalo uqhubeka njengoba bonke abayisithupha bokuqala abakhahlele amaphenalthi beshaye amagoli.

Kodwa-ke, ngeshwa le-Brighton i-Manchester United ishaye wonke amaphenalthi wayo ngempumelelo; futhi ukungawini kwe-Brighton kufike esiphethweni ngesikhathi uSolly March ogcine ukukhahlela iphenalthi ekhahlelela ibhola phezu kwepali ngesikhathi uVictor Lindelof we-Manchester United elifaka phakathi.

Umdlalo uphele ngo 7-6 sekukhahlelwa amaphenalthi.

Iqembu lika-Erik ten Hag lizibekisele indawo kowamanqamu kabili kule sizini futhi lisethubeni lokuwina mhla zintathu kuNhlangulana.

Esithombeni esingenhla: UVictor Lindelof

Umthombo wesithombe: @ManUtd

Izihloko zakamuva