Razeen Gutta
Umdlalo wakuleli weNdebe Yomhlaba ye-ICC T20 uqale ngemvula, kanti i-Zimbabwe isinde ekuhlulweni njengoba isimo sezulu besingabavumeli.
Ngemuva kokulibaziseka kwesigamu sehora kwi-toss uCraig Ervine wase-Zimbabwe uqoke ukushaya i-bat kuqala futhi akubanga nandaba kangako njengoba isikhathi besihlelwe kabusha ngemuva kokuphazamisa kwemvula ngesikhathi kuqedwa ukuculwa amaculo esizwe.
Emuva kwamahora amabili umdlalo wehliswe waba ama-overs ayisishiyagalolunye iqembu ngalinye kwathi uKagiso Rabada kwaba uyena ovulela ama-Proteas ngokuphosa ibhola.
Ukuhamba nama-pacers amane kusize elakuleli ukuba lithole amawikhethi amahlanu, uWayne Parnell noLungi Ngidi ibona abashaye kuma-overs okuqala ngaphambi kokuthi uSean Williams akhishwe washiya i-Zimbabwe enkingeni ngo-19/4.
UWesley Madhevere udlale kahle ukwenza iqembu lakhe lakhe lafinyelela ku-79/5 kuma-overs abo ayisishiyagalolunye, kodwa uQuinton de Kock uphume ngesikhathi umdlalo ushubile.
Umdlalo ubuye wabambezeleka futhi imigomo yakuleli ishintshiwe yaba ngu-64 kuma-overs ayisikhombisa. UTemba Bavuma ongene noDe Kock ubebhekene nama-overs amabili kuphela kuma-overs amathathu okuqala.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ushaye o-four abayisishiyagalombili kanye no-six emabholeni akhe angu-18, kwathi ngesikhathi kubukeka sengathi ama-Proteas ajahe amanye amaphuzu imvula yaphinde yanetha.
Kulokhu kwadlulela ngale kwesikhathi esinqunyiwe futhi naphezu kwama-run angu-13 nje kuphela umdlalo uphele kungekho mphumela.
Elakuleli lizobhekana ne-Bangladesh e-Sydney ngoLwesine.
Umthombo wesithombe: @ICC