Umdlalo ozonquma isiphetho somqhudelwano

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbhali wezemidlalo

EZEMIDLALO: Umdlalo wamaBhokobhoko ebhekene nama-All Blacks e-Auckland, bekuwumdlalo ohamba phambili owake waba khona kulo nyaka. Ukubhekana ne-New Zealand kuhlale kulindelwe njengomdlalo oshisayo kodwa kulokhu kulindelwe ngabomvu omunye wemidlalo emikhulu weNdebe yoMhlaba yombhoxo.

➤ AmaBhokobhoko anenebule ama-Wallabies e-Loftus Versveld ngempelasonto edlule kanti nama-All Blacks enze okufanayo ku-Los Pumas yase-Argentina.

Iqiniso ukuthi, ibhola lombhoxo lase-Southern Hemisphere seliphenduke umjaho wamahhashi amabili kanti la maqembu womabili azotholana phezulu ngoMgqibelo ekuseni (ngesikhathi saseNingizimu Afrika).

Kazi isiphatheleni iNdebe Yomhlaba!

Empini yokugwema ukuhlulwa, kuzojabulisa ukubona ukuthi u-Eddie Jones uzobhekana kanjani nokuphoxeka kwe-Australia ehlulwe amaBhokobhoko njengoba i-Argentina kaMichael Cheika nayo izithola isezintanjeni.

Ama-All Blacks azobhekana namaBhokobhoko bukhoma ku-DStv channel 201 ngo-9.05 ekuseni ngoMgqibelo. Ama-Wallabies azobhekana ne-Los Pumas bukhoma ku-DStv channel 201 ngo-11.45 ekuseni ngoMgqibelo.

➤Umncintiswano wabangaphansi kweminyaka engu-20 we-Rugby World Championship usufike emaphethelweni njengoba yonke imidlalo yamanqamu izodlalwa ngoLwesihlanu ntambama.

Umdlalo weNingizimu Afrika ne-England uzoba isivivinyo sangempela kwabangaphansi kweminyaka engu-20. Umdlalo wabo kumele okungenani ubabeke endaweni yesithathu kwazise ukuziqhenya kwezwe kusengcupheni.

Bayazimisela uma bethanda ngezinye izikhathi bengazimiseli. Kuzobasiza ukuzimisela njengoba ne-England izokwenza kanjalo.

Imidlalo eyisithupha izoqala ngo-12 emini iphele ngabo-9 ebusuku.

INingizimu Afrika izobhekana ne-England (esendaweni yesithathu) bukhoma ku-DStv channel 211 ngo-4.30 ntambama ngoLwesihlanu. I-Ireland izobhekana ne-France (kowamanqamu) bukhoma ku-DStv channel 211 ngo-7 ebusuku ngoLwesihlanu.

➤ I-Grand Slam yesithathu yonyaka enkundleni yase-Wimbledon ifika emaphethelweni kule mpelasonto.

Bonke abawinile kwabesifazane nabesilisa bazoklonyeliswa ngempelasonto kanti owamanqamu wabesifazane uzoba ngoMgqibelo kanti owabesilisa uzoba ngeSonto.

Njengoba usubekiwe owamanqamu wabesifazane, owamanqamu wabesilisa ungase uhlanganise ohamba phambili nosendaweni yesibili.

UCarlos Alcaraz uzobhekana noDaniil Medvedev wase-Russia ngoLwesihlanu ntambama bese kuthi uNovak Djokovic abhekane noJannik Sinner.

UDjokovic uzobe ehlose ukunqoba isicoco sakhe sesihlanu kulandelana se-Wimbledon, andise isibalo sakhe se-Grand Slam sifinyelele ku-24.

Yomibili imidlalo yamanqamu izoba bukhoma ku-DStv 214, izikhathi zisazonqunywa cishe mhlampe izoqala ngehora lesibili ntambama ngoMgqibelo nangeSonto.

Esithombeni esingenhla: AmaBhokobhoko azobhekana nama-All Blacks

Izihloko zakamuva