Umdlali wethenisi nenselelo yonyawo olubuhlungu

Dylan Bettencourt

URafael Nadal uwine isicoco sakhe sika-14 se-French Open ngeSonto ntambama kodwa imibiko yakamuva iveze ukuthi kungenzeka kube ngesokugcina.

Lo mdlali odabuka e-Spain umile kwelokuthi usekulungele ukuqhubeka nokulwela izicoco ze-Grand Slam kodwa ikusasa lakhe lincike ekulashweni konyawo lwakhe okumele akuthole kuleli sonto.

Kodwa-ke lo mdlali osewine i-Grand Slam amahlandla angu-22 akazimisele ukuyeka ngaphandle kokulwa, wengeza ngokuthi uzimisele ngokungenela i-Wimbledon ekupheleni kwale nyanga.

Lo mdlali (36) udalule ukuthi ubedambisa izinhlungu onyaweni lwakhe lwesokunxele ngemijovo ngaphambi kwayo yonke imidlalo kodwa uyabona ukuthi lokho akulungi.

“Angazi ukuthi yini engenzeka ngokuzayo kodwa ngizoqhubeka nokulwela ukuqhubekela phambili,” kusho uNadal ngemuva komdlalo.

Igama lakhe liyohlala lisohlwini lwabangenele i-Wimbledon kodwa kuzoya ngenqubo echazwa “njengomjovo oshisa imizwa” ozotholwa uNadal kuleli sonto.

Uma ukwelashwa kungaphumeleli, kuzofanele ahoxe emqhudelwaneni futhi acabangele ukuhlinzwa.

“Ngizoba e-Wimbledon uma umzimba wami usulungele ukuba e-Wimbledon. Ngiyayithanda i-Wimbledon. Sengiphumelele amahlandla amaningi lapho futhi nginemizwa emangalisayo ngayo,” esho.

“Ngingakwazi ukudlala uma ngingathola imijovo edambisayo. Kodwa ukudlala ngithole imijovo yokubulala izinzwa akukhona icebo elihle. Angifuni ukuzibeka kuleso simo futhi. Kungenzeka kanye, kodwa akuyona into engifuna ukuyilandela,” kusho uNadal ngemuva kokuwina kwakhe ehlula uCasper Ruud ngeSonto.

“Angizwa lutho onyaweni lwami. Udokotela wami unginike imijovo yokubulala izinzwa emithanjeni esusa izinhlungu,” esho.

I-Wimbledon ihlelelwe ukuthi iqale ekupheleni kukaNhlangulana kanti izoqhubeka amasonto amabili ngoNtulikazi.

Umthombo wesithombe: @RolandGarros

Izihloko zakamuva