Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
Umdlali webhola lombhoxo onekhono kodwa onenkinga uSbu Nkosi useziqedele umsebenzi.
ICheetahs Rugby ikuqinisekisile ukuthi uNkosi uhlolwe ukuthi unezidakamizwa ezingavunyelwe emzimbeni kanti angase abhekane nokungadlali iminyaka emine.
Iphephandaba iRapport lithe uNkosi uhlolwe yiWorld Rugby kanye kanye nabanye abadlali bamaBhokobhoko abathathu ngoNhlaba nonyaka.
Isampula yakhe yokuqala ibuye yaveza ukuthi egazini lakhe kunama-anabolic steroids asetshenziswa kakhulu abakhi bomzimba. Isampula yesibili isazokwenziwa, kodwa okutholakele okokuqala akuvamile ukuhluka kweyesibili.
UNkosi ukhishiwe esikwatini esidlale ne-Bulls e-Loftus ngoMgqibelo. Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala kungenzeka ukuthi usewudlalile umdlalo wakhe wokugcina, njengoba emancane amathuba okuthi abuyele eqophelweni eliphezulu lombhoxo ngemuva kweminyaka emine.
UNkosi wadlalela amaBhokobhoko izikhathi ezingu-16 futhi wayeseqenjini elinqobe iNdebe yoMhlaba ngo-2019, kodwa ubelokhu engenzi kahle emsebenzini wakhe.
Unomlando wenkinga yengqondo, uke wanyamalala ngendlela engaqondakali amasonto amathathu ngo-2022 enikwe inkontileka kuma-Bulls.
Kwabikelwa amaphoyisa ukuthi ulahlekile kodwa watholwa emzini kayise eMpumalanga. UNkosi uthe ingcindezi yombhoxo wabadala ingaphezu kwamandla akhe.
Uphinde waphumela esidlangalaleni egxeka ama-Bulls ngokumphatha ngendlela engafanele ngaphambi kokuthi aye ku-Cheetahs ngaphansi komdlali oseqophelweni eliphezulu eFree State nongumqeqeshi uFrans Steyn.
Owayengumdlali wamaBhokobhoko, u-Elton Jantjies naye unerikhodi lokusebenzisa izidakamizwa, kanti usalwela ukuthi kuguqulwe imiphumela yezidakamizwa eyavela, uyafunga uyagomela ukuthi akakaze azisebenzise izidakamizwa. Uthi uzoligeza igama lakhe abuyele emdlalweni wombhoxo wamazwe ngamazwe.
Osesithombeni esingenhla: USbu Nkosi.
Umthombo: Springboks/X