
Dylan Bettencourt
Umdlali wethenisi ongundabamlonyeni uJohn McEnroe uthi abadlali abangahambisani nokuvinjelwa kwabadlali base-Russia kumele bayidube i-Wimbledon.
Lo mpetha we-Wimbledon amahlandla amathathu uthe kube iphutha ukuthi i-Grand Slam ivimbele bonke abadlali base-Russia nabase-Belarusian kulo mqhudelwano kulandela ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.
“Angazi ukuthi baqhamuke kanjani nama-Belarusian, kodwa enye indaba leyo,” kusho uMcEnroe kwi-Eurosport.
Okwenezela ezicelweni zikaMcEnroe zokuduba i-Association of Tennis Professionals (i-ATP) ephuce amaphuzu okubekwa kwe-Wimbledon ukuthi ngeke ube khona umklomelo ngokudlala komdlali e-London noma umthelela ekubekweni kwabo.
“Lowo umbono wami ohlanganiswe iqiniso lokuthi i-ATP kanye ne-WTA okuyinhlanhano yethenisi yabesifazane ithi awekho amaphuzu abekiwe futhi angiboni ukuthi lokho kubasiza kanjani abadlali,” kusho uMcEnroe.
“Uma abadlali bekholelwa ngempela ukuthi i-Wimbledon yenze iphutha elikhulu ngokuthi ivimbele abadlali base-Russia nabase-Belarusian abazodlala kumele bawudube umqhudelwano.”
Abadlali base-Russia nabase-Belarusian batshelwe ukuthi bangaqhudelana e-Wimbledon kuphela uma bebhala incwadi egxeka ukusebenza kwamasosha e-Ukraine.
Phakathi kwalabo abangakwazi ukuncintisana kwi-Grand Slam yesithathu yonyaka kukhona uDaniil Medvedev wase-Russia, obekwe endaweni yesibili emhlabeni.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uqhudelana kwi-French Open futhi washaywa umoya edlula isitha sakhe sokuqala uFacundo Bagnis ekunqobeni okuqondile.
UNovak Djokovic uthe uzoqhudelana naye kwi -Wimbledon.”
Lo mdlali wase-Serbia uthe uzolahlekelwa ngamaphuzu angu-4,000 kulo nyaka ngemuva kokuthi ephuthelwe i-Australian Open ngenxa yengxabano yokugomela i-Covid-19 futhi manje ngeke athole amaphuzu e-England.
Isihlabani sethenisi sase-Japan uNaomi Osaka uthe akanaso isiqiniseko sokuthi uzoqhudelana naye yini emqhudalwaneni we-Wimbledon kulandela ukukhishwa kwamaphuzu.
I-Wimbledon izoqala ngoMsombuluko ngomhlaka-27 kuNhlangulana iphele mhla ziyishumi kuNtulikazi.
Umthombo wesithombe: @TennisWorld