Umdlali weChelsea ubhekene nokuqondiswa izigwegwe ngengoma yobandlululo 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

U-Enzo Fernandez, ongumdlali wasesiswini we-Chelsea noyilungu leqembu lesizwe lase-Argentina, ubhekene necala lokuqondiswa izigwegwe eqenjini lakhe ngemuva kwevidiyo ayifake ku-akhawunti yakhe ye-Instagram eveza izingoma “zobuhlanga nokucwasa”. 

I-French Football Federation ifake lesi sikhalo enhlanganweni eyengamele ibhola emhlabeni, i-Fifa, ngemuva kokuba ethwetshulwe isithombe ecula ingoma enenhlamba nozakwabo base-Argentina kulandela ukunqoba kwabo i-Copa America ngeSonto.

Idlanzana lozakwabo beqembu likaFernandez libe selihoxisa ukumlandela ezinkundleni zokuxhumana, kwathi umdlali wase-France uWesley Fofana wafaka le vidiyo ku-Instagram wayichaza “njengobandlululo olungavinjiwe”.

Lo mdlali usexolisile, wathi uyaxolisa kakhulu. 

“Le ngoma ihlanganisa amagama amabi kakhulu futhi azikho izaba ngalawa magama,”usho kanje.

“Angihambisani nokucwaswa ngazo zonke izindlela futhi ngiyaxolisa ngokuthatheka emgubhweni wethu we-Copa America.”

“Leyo vidiyo yangaleso sikhathi, nalawo mazwi, awakhombisi izinkolelo zami noma engikholelwa kukho.”

Esitatimendeni, i-Chelsea ithe: “Siyakwamukela futhi siyakubonga ukuxolisa komdlali wethu esidlangalaleni futhi sizosebenzisa lesi senzo njengethuba lokufundisa. Iqembu lifake inqubo yangaphakathi yokuqondiswa kwezigwegwe.” 

Esithombeni ngenhla: U-Enzo Fernandez.

Umthombo: @fabrizioromano

Izihloko zakamuva