Umdlali webhola waseGibhithe ugxeka ubungqingili “njengombono oyingozi”

Dylan Bettencourt

Owayengumdlali webhola lezinyawo wonyaka wase-Afrika uMohamed Aboutrika uchaze ubutabane “njengombono oyingozi” kulandela umkhankaso we-English Premier League we-Rainbow Laces, isinyathelo esihloselwe ukubandakanywa kwe-LGBTQ+.

Umkhankaso we-Rainbow Laces usekelwa yiwo wonke amakilabhu angama-20 ku-Premier League lapho amakilabhu esebenzisa khona uphawu lothingo lwenkosazana, izintambo, amabhande engalo namabheji asetshenziswa kuyo yonke imidlalo phakathi komhla zingama-27 kuLwezi nomhla zimbili kuZibandlela.

Ngesikhathi ebonakala bukhoma ku-beIN Sports, u-Abourtika uthe ubungqingili “abuhambisani nenkolo yama-Islam.”

“Indima yethu ukumelana nalesi sihlava esaziwa ngobutabane, ngoba sekumbono oyingozi futhi usuba mubi njengoba abantu bengasenawo amahloni ngakho,”

“U-Allah uthi kwi-Quran kumele sihloniphe izingane zika-Adam, kodwa ngokuthandana nobulili obufanayo asibahloniphi abantu, siyabalulaza. (Abe-Premier League) bazokutshela ukuthi ubutabane ngamalungelo abantu. Cha, akuwona amalungelo abantu; empeleni kuphambene nesintu,” esho engafune kuphikiswa.

Lo mdlali oneminyaka engama-43 ubudala wathatha umhlalaphansi ebholeni ngowezi-2013 ngemuva kokuvela izikhathi ezingaphezu kwekhulu edlalela i-Egypt futhi okwamanje uhlala ekudingisweni e-Qatar, ngemuva kokuthi inkantolo imnqabele ukuthi isicelo sakhe sifakwe ohlwini labalandeli be-Muslim Brotherhood.

Ukudingiswa kuka-Aboutrika kuqhamuke ezinsolweni zokuthi uxhasa ngezimali i-Brotherhood futhi wagunyaza ukuqokwa njengoMengameli kukaMohammed Morsi owaba nguMengameli ngowezi-2012 ngaphambi kokuthi akhishwe amasosha aseGibhithe.

Umkhulumeli we-Premier League uphendule okuphawuliwe ngokugcizelela ukungezwani kwabo nomdlali wangaphambilini webhola.

“Asivumelani ngokuphelele nemibono yalo mdlali. I-Premier League namakilabhu ayo azibophezele ekusekeleni ukufakwa kwe-LGBTQ+ nokwenza kucace ukuthi ibhola elawo wonke umuntu,” kusho usomlomo.

Isitatimende esikhishwe yi-beIN Media Group sithe lo msakazi uhlose ukumela nokuveza imibono yawo wonke amaqembu omphakathi.

“Njengeqembu labezindaba bomhlaba wonke siyakumela, siyakulwela futhi siseke abantu, izimbangela nezintshisekelo zazo zonke isizinda, ulimi namagugu emazweni angama-43 ahlukene kakhulu, njengoba sibonisa nsuku zonke,” kusho isitatimende.

Umthombo wesithombe: @Bloomberg

Izihloko zakamuva