Umdlali webhola wase-Turkish ubalekela amaphoyisa ngemuva kwezinsolo abekwe zona

Dylan Bettencourt

Umdlali webhola wase-Turkish uSezer Ozturk uyabandakanyeka kwisigameko sokudubulana esenzeke ezweni lakhe okuholele ekushoneni komuntu oyedwa kwalimala abane.

Le ngozi kuthiwa yenzeke mhla ziyi-19 kuMandulo kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqeni, ngokusho kwabezindaba ze-Turkish broadcaster NTV Spor.

Abakade bekhona kwenzeka isigameko bathi u-Ozturk uvulele ngenhlamvu ebhekise kwiqulu labantu eduze nase-Istanbul esifundazweni sase-Sile.

Ikhona ividiyo etshengisa okwenzakele ngesikhathi sesigameko, kodwa lo mdlali owazalwa e-German akabonakali kahle.

U-Ozturk, owayedlalela i-Fenerbahce kanye ne-Besiktas owathweswa iziqu e-Bayer Leverkusen Football Academy, ubalekela amaphoyisa selokhu kwenzeke isigameko.

Lo mdlali webhola, obebukeka ezimisele kakhulu emsebenzini wakhe, ubengenalo iqembu selokhu wagcina ngonyaka wezi-2015 ngesikhathi ededelwa i-Besiktas.

Ubengakamemezeli ngokuyeka kwakhe ibhola njengoba eseneminyaka eyisithupha agcina ukudlala enkundleni.

Ngesikhathi esangumdlali- u-Ozturk udlalele amaqembu ebhola ayisishiyagalolunye kubalwa i-Bayer Leverkusen, i-Fenrbahce, i-Besktas kanye neqembu lakhe agcine kulo i-Eskisehirspor.

Imininingwane ngaleli cala ayaziwa, kodwa iziphathimandla zendawo ziqinisekise ngokuthi isisulu esidutshuliwe uHalil Ibrahim Genc uneminyaka engama-24.

Umthombo wesithombe: @CaughtOffside

Izihloko zakamuva