Umdlali webhola wase-Afrika uvula isifuba ngempilo yakhe

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ingwazi yebhola lase-Nigeria uJohn Obi Mikel ukhulume ngobunzima bokuba kulo mdlalo, wathi njengomuntu wase-Afrika ukhokha intela eyengeziwe.

Ekhuluma noRio Ferdinand kwi-podcast i-Vibe with FIVE, owayengumdlali wasesiswini we-Chelsea uthe abadlali bavame ukuthumela imali emakhaya ukuze bondle amalungu omndeni asele.

“Uma uphuma e-Afrika – imali oyenzayo akuyona imali yakho ngenxa yezihlobo onazo, abazala, noma ngabe ngubani oyilungu lomndeni futhi lokhu kuyinto engicabanga ukuthi asikhulumi kakhulu ngayo,” esho.

“Odadebethu, bayahamba bayoshada nezinsizwa ezithile. Bafuna nje ukushadelwa emndenini kaJohn Obi Mikel ngoba nakhu becabanga ukuthi ‘impilo yami ‘ihlelekile’.”

UMikel ukholelwa ukuthi isimo yena nabanye abadlali abaningi ababhekene naso yisona esidinga ukuphakanyiswa, nakuba azi ukuthi sisuka emasikweni.

“Uthi uqeda nje ukuhola ube uqala ubeka eceleni imali yomndeni, eyabazali, izihlobo uqambe uthi uyabheka wena ususele nencane kunabo bonke obabekele eceleni.”

“Yisiko lelo.” Balindele ukuthi ukwenze lokho. Emehlweni abo, uyabakweleta. Le ndaba idinga ukuxoxwa. Abadlali abaningi abasebancane base-Afrika abasafufusa badinga ukutshelwa lokhu ngoba bazobhekana nezimo ezifanayo.” 

Yize eke wasongelwa, lo wesilisa (36) ukugcizelele ukubaluleka kokuba nomqondo oqinile ungavumi into ongayifuni.

“E-Afrika akuwona wonke umuntu ophumela obala futhi akhulume ngalokhu, ngoba siyasaba ukuthi ‘Sizokhuluma kanjani ngalokhu? Njengoba sisongelwa igazi lethu.”

“Kwesinye isikhathi kumele uthi ‘Sekwanele’. Kimina lowo mzuzu wafika eminyakeni emihlanu edlule. Ngathi ‘sekwanele’, ngoba kade ngikwenza lokhu kusukela ngaqala ukudlala ibhola.”

UMikel, ozinze e-Dubai wenza kahle emehlweni abezindaba. Umbukiso wakhe, i-Obi One Podcast, uthandwa ngabaningi emhlabeni wonke.

Esithombeni esingenhla: UJohn Obi Mikel 

Umthombo wesithombe: @chels_hq

Scrolla World Cup Quiz