Umdlali webhola uyashiya ngenxa yesifo senhliziyo

Razeen Gutta

Umdlali odabuka e-Zambia u-Enock Mwepu kutholakale ukuthi unesifo senhliziyo esingajwayelekile esiholele ekutheni ashiye phansi ekubeni umdlali eneminyaka engu-24 ubudala.

Lo mdlali wasesiswini we-Brighton and Hove Albion usedlale imidlalo engu-24 kuphela kuleli qembu kusukela ejoyine i-Red Bull Salzburg nyakenye.

Ushaye amagoli amabili okuhlanganisa ngesikhathi iqembu liqeda ngamaphuzu alinganayo libhekene ne-Liverpool ngoMfumfu nyakenye.

UMwepu ugule esemsebenzini ngenyanga edlule wangeniswa esibhedlela izinsuku ezine. Ngesikhathi ebuyela e-England ukuhlolwa kwakhe kwaphetha ngokuthi iyodwa vo into angayenza ukuthatha umhlalaphansi.

Iqembu liziqinisekisile izindaba zokuthi uthatha umhlalaphansi kusizindalwazi salo esisemthethweni lathi “uzoba sengozini enkulu uma eqhubeka nokudlala njengoba enesifo senhliziyo. 

“Siphatheke kabi kakhulu ngo-Enock. Yena nomndeni wakhe babe namasonto ambalwa bekhathazekile nakuba sibonga nje ukuthi udlule kuleso sikhathi, kodwa kubuhlungu ukuthi uzothatha umhlalaphansi esemncane,” kusho usihlalo weqembu uTony Bloom.

“Njengeqembu sizomnika lonke uthando, usizo nokumeseka esingase sikwazi ukuze alulame ngokugcwele bese enquma ngezinyathelo ezilandelayo empilweni yakhe.”

UMwepu esitatimendeni asithumele ezinkundleni zokuxhumana uthe ulifezile iphupho lakhe lokudlala ku-Premier League futhi uzimisele ngokuhlala ebambe iqhaza kulo mdlalo ngandlela thize ukuya phambili.

Isitatimende sifundeka kanje:

Owesilisa waselokishini elincane lase-Zambia okuthiwa i-Chambishi unezindaba azoxoxa ngazo. Wama eqinile ukulandela iphupho lakhe lokudlala ibhola ezingeni eliphezulu, futhi ngomusa kaNkulunkulu waphila iphupho lakhe ngokufinyelela ku-Premier League.

Amanye amaphupho nokho ayaphela, kubuhlungu ukumemezela ukuthi kumele ngibeke amakhokho ami ngenxa yeseluleko sezempilo engisitholile. Lokhu akusona isiphetho sami sokuzibandakanya nebhola. Ngihlela ukuzibandakanya nalo ngenye indlela.

Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge wonke umuntu ongisekele ohambweni lwami lwebhola okuhlanganisa umkami nomndeni, i-ejenti yami engu-12MAN, i-Zambian FA, wonke amaqembu engibe kuwo ngaphambilini, ozakwethu kanye nabaqeqeshi, futhi ikakhulukazi wonke umuntu e-Brighton and Hove e-Albion.

Osesithombeni esingenhla: u-Enock Mwepu.

Umthombo: @EnockMwepu45

Izihloko zakamuva