Umdlali webhola usephumele obala ngokuba isitabani

Dylan Bettencourt

Umdlali webhola lezinyawo osezingeni eliphezulu wase-Australia uJosh Cavallo uphumele obala njengomdlali oyisitabani ezindaweni zokuxhumana ethinta imizwa, futhi uyena kuphela umdlali webhola okhokhelwayo ukuba abe isitabani ngokusobala.

“Sengikhathele ukuba namahloni ngobulili bami,” kusho lo omdlali oneminyaka engama-21.

“Ngingumdlali webhola futhi ngiyisitabani. Engifuna ukukwenza ukudlala ibhola futhi ngiphathwe ngokulingana nabanye.”

Uthe usekhathele ukuzama ukwenza izinto ngokusemandleni akhe aphinde aphile impilo embaxambili.

“Kuyakhathaza,” kusho uCavallo kuvidiyo okwabelwana ngayo ezinkundleni zokuxhumana.

Umdlali webhola lezinyawo odlalela i-Adelaide United uthe uyesaba ukuthi isinqumo sakhe sokuphumela obala ngobulili bakhe emhlabeni wonke sizogunyaza ukuhlukunyezwa kanye nezimpendulo ezingezinhle, kodwa uhlangabezane nokuphambene nalokho njengoba ethole nezinkulungwane zemiyalezo yokwesekwa evela ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene.

UCavallo uthe useneminyaka eyisithupha elwa nobulili bakhe futhi ugcwele injabulo yokuthi angakwazi ukuyiqeda leyo mpi.

“Kuye kwadingeka ukuthi ngifunde ukufihla imizwa yami ukuze ngilingane nomdlali webhola elikhokhelwayo. Ukukhula ngiyisitabani nokudlala ibhola bekuyimihlaba emibili engakaze ihlangane,” kusho lomdlali. 

Lo mdlali wasesiswini uthe unethemba lokuthi uhambo lwakhe lokuphumela emhlabeni ngobulili bakhe futhi nokwamukelwa lukhuthaza abanye “abahlala ngokuthula” ukuthi bazizwe bekhululekile ngokuphila iqiniso labo.

Idlanzana labadlali bebhola abake baphumela obala abaningi babo baphuma ngemuva kokuthatha umhlalaphansi kulo mdlalo.

Owayengumdlali we-West Ham, Aston Villa kanye nowe-Everton uThomas Hitzlsperger walinda unyaka ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ukuze aphume ngonyaka wezi-2013.

Owayengumdlali webhola ku-Leeds United, uRobbie Rogers, uphume ngemuva kokumemezela ukuthi useyayeka ngonyaka wezi-2013, kodwa waphuma ngemuva kokusula ukuze ayodlala ibhola lokuncintisana eMelika lapho abe ngumsubathi wokuqala owaphumela obala ngokuba isitabani ukunqoba isicoco sezemidlalo ekhokhelwayo eMelika.

Umthombo wesithombe: @AdelaideUnited

Izihloko zakamuva