Umdlali webhola ujoyina i-OnlyFans

Owayengumdlali we-Bayern Munich kanye ne-Juventus uDouglas Costa wethule elakhe ikhasi le-OnlyFans, futhi ungumdlali wokuqala webhola ukujoyina ikhasi le-OnlyFans.

UCosta osememezele ikuthi uzoya kwi-Sydney FC yase-Australia, wachaza ukuthi ujoyine i-OnlyFans ngenxa yokuthi ifinyelele kumhlaba wonke.

Nakuba inkundla yaziwa ngokukhombisa izinto eziyimfihlo, abanye abantu, okuhlanganisa nabezemidlalo, bayisebenzisela ukwabelana ngezinto ezikhethekile ezingemuva kwempilo yabo.

Lo mdlali wase-Brazil oneminyaka engu-33 uthembise abalandeli ukuthi bazobona ngokwenzeka empilweni yakhe nomsebenzi wakhe, abangeke bakubone kwamanye ama-akhawunti akhe ezinkundla zokuxhumana.

Ikhasi lakhe le-OnlyFans, elibukwa mahhala okwamanje, libe bukhoma ngomhlaka-8 kuNcwaba futhi selivele linezithombe zakhe esadlalela amanye amaqembu kanye nevidiyo yakhe eshaya isibhakela.

UCosta uthe uhlela ukuthumela ezinye izithombe ezingeziwe maduze, anikeze abalandeli ithuba lokubuka impilo yakhe yansuku zonke.

UCosta uthe unethemba lokuthi abalandeli bazobambisana ngaphakathi nangaphandle kwenkundla ngale phrojekthi entsha.

“Ngiyethemba ukuthi ngingabajabulisa abalandeli bami ngokwenzeka empilweni yami nsuku zonke,” kusho yena.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Esithombeni esingenhla: UDouglas Costa.

Umthombo: Douglas Costa/X

Izihloko zakamuva