Umdlali webhola oyisitabani uJosh Cavallo wemukelekile ukuzodlala kwindebe yomhlaba ezoba e-Qatar

Dylan Bettencourt

Umdlali webhola wase-Australia uJosh Cavallo akufanele esabe ukuhambela indebe yomhlaba ye-FIFA ngonyaka ozayo e-Qatar.

Ukuthandana nobulili obubodwa akukho emthethweni e-Qatar futhi bangajeziswa ngokuboshwa noma ngisho nokubulawa, kodwa umgqugquzeli walo mqhudelwano, uNasser Al Khater uqinisekise abalandeli bebhola abathandana nobulili obubodwa ukuthi bazophepha e-Qatar.

“Siyamamukela uCavallo esifundazweni sase-Qatar. Wamukelekile ukuthi eze azobona ngisho nangaphambi kwendebe yomhlaba. Akekho ozizwa esongelwa lapha, futhi akekho ozizwa engaphephile lapha,” kusho u-Al Khater etshela i-CNN.

U-Al Khater uthe ukukhombisa uthando esidlangalaleni akwamukelekile e-Qatar, kodwa lokho kusebenza kuwo wonke umuntu, hhayi nje emaqenjini athile omphakathi.

“Abathandana nobulili obufanayo bazofika e-Qatar njengabalandeli bomqhudelwano webhola. Bengakwazi ukwenza noma yini eyenziwa omunye umuntu,” usho kanje.

UCavallo nguyena kuphela umdlali webhola ophumele obala ngokuthandana nobulili obubodwa ngesikhathi ememezela ubulili bakhe ezinkundleni zokuxhumana ethinta imizwa ngenyanga edlule. Ngemuva kwesimemezelo sakhe, uthe uzosaba ukudlala esizweni sama-Arab.

Imibiko yamalungelo abantu iphakamisa ukuthi abukho ubufakazi obucacile bokuthi kukhona umuntu owabulawa ngenxa yobulili bakhe.

Inkomba yengozi yangonyaka wezi-2019 ibeka izwe lase-Qatar njengelesibili ngokuba yindawo eyingozi kakhulu lapho abantu abathandana nobulili obubodwa bengeke bavakashele khona, kodwa u-Al Khater uthe umbono we-Qatar ovela ngaphandle awulungile.

UCavallo, ekhuluma ku-podcast uthe kumphatha kabi ukuthi indebe yomhlaba isingathwe yisifunda esingahambisani nabantu abathandana nobulili obubodwa.

“Ngifunde okuthile mayelana nokuthi banikeza isigwebo sentambo kubantu abanemizwa yobulili obubodwa e-Qatar, ngakho-ke kuyinto engiyesaba kakhulu futhi ngeke ngifune ukuya e-Qatar ngenxa yalokho,” esho ku-Guardian ku-podcast ye-Guardian yanamhlanje. 

Umthombo wesithombe: @MiddleEastEye

Izihloko zakamuva