Dylan Bettencourt
Ngemuva kokuchitha iminyaka engama-39 ehleli kwikhoma, uJean Pierre Adams usedlulile emhlabeni.
Ngonyaka wezi-1982, u-Adams walimala edolweni kwamele ukuthi aye kohlinzwa, kodwa wanikezwa ngephutha isilinganiso esidlulele esibulalayo se-anesthetic.
Lesi silinganiso somuthi samenza walimala ukusebenza kobuchopho, kwabeka impilo yalomdlali webhola lezinyawo owazalelwa endaweni yase-Dakar e-Senegal kwikhoma.
Lo mdlali obeseneminyaka engama-73 obemele i-France kumenyezelwe ukuthi ushone ngoMsombuluko esibhedlela esibizwa ngokuthi i-Nimes University.
U-Adams owazalwa ngonyaka wezi-1948 ubesevele amahlandla angama-22 kwiqembu lase-France.
Waqala wafunda ulimi lwesi-French esigabeni sokuqala nolwase-Paris Saint-Germain kanye ne-Nice, lapho achitha khona isikhathi sakhe sonke nomsebenzi wakhe.
U-Adams waqala wakhathazeka ngedolo lakhe ngesikhathi ethatha izifundo zokuba umqeqeshi wase wathatha isinqumo sokuya esibhedlela e-Lyon ukuze aye kohlolwa.
Imiphumela yaveza ukuthi u-Adams walimala kumsipha ongemuva kwedolo lakhe, wase wacela ukuba bamuhlinze ngokusho kwe-Blizzard.
Ngesikhathi ehlinzwa lo mdlali owazalwa e-Afrika watshela unkosikazi wakhe ukuthi “uzizwa ekahle futhi esesimeni esihle”.
Okubuhlungu lawo amazwi okugcina awatshela unkosikazi wakhe.
Odokotela ababemhlinza babekwa icala bavela phambi kwenkantolo okwathatha iminyaka eyi-7 ukuba leli cala lifike emaphethelweni.
Ijaji eliphethe umkhakha wesikhombisa wokuqondiswa kwezigwegwe e-Lyon labathola benecala lokulimaza ngamabomu.
Unkosikazi ka-Adams wakhuluma esidlangalaleni ngonyaka wezi-2007 wathi “uJean-Pierra uyakuzwa uma umthinta, uyakwazi ukuhogela, nokuzwa, futhi uyathuka uma kukhonkotha inja, kodwa akakwazi ukubona”
Umthombo wesithombe: @TheGuardian