Dylan Bettencourt
Umdlali waseNingizimu Afrika webhola lomnqakiswano uLenize Potgieter ubuyela enkundleni ngemuva kokumiswa izinyanga eziyisithupha.
Lo mdlali (27) uhlaselwe ukuphazamiseka kwemizwa okuphoqe ukuthi athathe ikhefu kulo mdlalo.
Ubuyile futhi ukulungele ukwenza akwaziyo ukusiza abanye abanenkinga efana neyakhe.
“Ngifuna ukuqala ingxoxo mayelana nesimo engidlule kusona,” etshela i-BBC Sport.
UPotgieter wabhekana nesimo esinzima ngesikhathi eqala ukudlalela iqembu lase-Australia i-Adelaide Thunderbirds.
“Ngangikhala zonke izinsuku amasonto amabili ayisikhombisa ngezinsuku ezinhlanu,” esho.
Lo mdlali oshaya amagoli uthe nakuba wayesijabulele isikhathi sakhe e-Australia, kwesinye isikhathi wayeba nesizungu kanti lokho kwakuba nomthelela omubi kuye.
“Ngangizihlalela ngedwa futhi lokho kuhlale kuxova imiqondo yabantu. Uma uwedwa uqala ukucabanga ngokweqile bese ucabanga izinkinga, yilokho okwenzeka kimi. Lokho kwangithinta kakhulu.”
Ubecabanga ukuthi ukubuyela ekhaya uma iligi iphela ngoNcwaba kuzosiza impilo yakhe engokwengqondo kodwa kwavele kwaba kubi kakhulu.
“Ngesikhathi ngibuyela ekhaya ngathola ukuthi isithandwa sami engithandane naso unyaka nesigamu, bsesithandana nomunye umuntu ngesikhathi ngiphesheya kwezilwandle,” esho.
“Ngicabanga ukuthi bekunezinto eziningi elzikhulayo; ngebhola lomnqakiswano kanye nengcindezi nokuhamba, i-jetlag, i-Covid, ukuvalelwa wedwa kule minyaka embalwa edlule, kungekho uzinzo nhlobo, bese kuba nokukhashelwa uma ngibuya.”
Ngemuva kokubuyela ekhaya, kwatholakala ukuthi uPotgieter unesifo sokucindezeleka okukhulu kanti ukuxilongwa okwamenza wathatha ikhefu kulo mdlalo.
Ngenkathi efuna usizo ukuze alulame esikhathini esinzima empilweni yakhe, uPotgieter uvuke wazithintitha futhi wabuyela kuma-Thunderbirds ngoNhlolanja.
Uqale isizini kahle, washaya amagoli angu-138 emidlalweni yakhe yokuqala emihlanu, okumenza umshayimagoli ovelele kuze kube manje.
UPotgieter uphuthelwe umzuliswano wesithupha weligi ngempelasonto ngenxa yokulimala.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi sivuleleke sikhombise ukuthi singabantu,” esho. “Ngifuna ukuqeda lowo mgqondo. Uma umuntu egcindezelekile akusho ukuthi unesifo esithathelanayo.”
Umthombo wesithombe: @GSport4Girls