Dylan Bettencourt
Umdlali webhola lombhoxo wase-Wales uCory Hill usolwa ngokucekela phansi indlu yomuntu angamazi esigamekweni sokudakwa namanye amadoda amabili ngoNhlaba, okwashiya abahlala kulowo muzi besabela izimpilo zabo.
Ngemuva kwesigameko, isisulu esidabuka e-Rhondda Cynon Taf e-Wales, sithe sisaba ukuthi kukhona umuntu obezele ukuzombulala nomndeni wakhe, ngokusho kwe-BBC Wales.
“Engikuzwile ukushaywa kwengilazi emafasiteleni asesitezi kanye nomsindo othusa kakhulu emnyango wangaphambili,” etshela abezindaba.
Le ntokazi, ekhethe ukungadalulwa, ithe kuzwakale sengathi kukhona umuntu osebenzisa isando ukuze angene efulethini lomndeni wakhe wase ephuthuma ukuyisa izingane zakhe endaweni ephephile.
“Lokhu kube nomthelela omubi kimi ngokomzimba nangokwengqondo,” esho.
Owesifazane uphinde waveza ukuthi ingane yakhe encane manje imemeza ngokwesaba njalo uma kungqongqozwa emnyango wabo.
I-Cardiff City, okuyiqembu ebelidlalelwa uHill ngesikhathi sesigameko, lixolisile emndenini, laphinde lathi isenzo somdlali walo besingesihle ngokuphelele.
Ayikho ikilabhu namaphoyisa abavune lo mdlali odlala ibhola lombhoxo.
“Sonke siyaxolisa ukuzwa ohlangabezane nakho wena nezingane zakho futhi siyathemba ukuthi manje senikhululekile ekhaya lakho,” kusho iklabhu.
Laba abanye abesilisa ababili baxolisile, kodwa uHill akazange axolise emndenini.
Owesifazane ngokuhamba kwesikhathi ufake isikhalazo emnyangweni wamazinga obuchwepheshe bamaphoyisa e-South Wales ethi ucabanga ukuthi lesi simo asahlulelwanga kahle ngenxa yesithunzi salo mdlali.
“Lento iveza amandla aqhamuka nezinga lomuntu, nokuthi uma unamandla nezinga futhi ubambe iqhaza kwezemidlalo, ungenza konke okufunayo,” esho.
Umthombo wesithombe: @BusinessInsider