Menzi Magubane
Njengoba udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane lunyuka eNingizimu Afrika wonke amehlo athe njo kumdlali we-Mamelodi Sundowns uMothobi Mvala ngemuva kokuthi avulelwe icala lokuhlukumeza owesifazane.
NgoMandulo i-Orlando Pirates yamisa uBen Motshwari amasonto ambalwa ngemuva kokuthi achithe ubusuku ejele ngesikhathi intombi yakhe imvulela icala elifanayo nelikaMvala.
Ngabe i-Sundowns izolingisa izimbangi zayo imise uMvala kuyona yonke imidlalo yeqembu?
UMvala kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngomhlaka-12 kuMasingana ngemuva kokuthi intombi yakhe uPalesa Botipe imvulele icala lodlame lwasekhaya. Ngokusho komthombo we-Soccer Laduma laba sebeneminyaka engaphezu kwemihlanu bethandana, banengane futhi enye isendleleni.
“UPalesa ubesekhathele indlela uMothobi amhlukumeza ngayo wanquma ukumvulela icala ngoba lo mlisa akayeki ukumhlukumeza,” kusho umthombo.
“Bebesezinhlelweni zokushada ngemuva kokuthi isihlabani sebhola sithumele omalume baso ukuthi bayomlobola kodwa le ntokazi ibona sengathi kudala imvikela lo mlisa futhi ifuna athathelwe izinyathelo,” kuqhuba umthombo.
Umthombo uveze ukuthi uBotipe unencwadi emvikela kulo mdlali owayedlalela i-Highlands Park.
“Ubelokhu emhlukumeza ngokomzimba nangokomphefumulo kanti lo wesifazane ubengenayo enye indlela ngaphandle kokumbophisa,” kwengeza umthombo.
I-Sundowns isekhempini yokulungiselela umdlalo wayo we-CAF Champions League ka-Group A lapho ezobhekana khona ne-Al-Hilal ngomhlaka-11 kuNhlolanja.
Umthombo wesithombe:@mamelodisundowns