Menzi Magubane
I-South African Football Association (i-SAFA) izosebenzisa umthetho we-FIFA mayelana nomdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uGoodman Mosele. UMosele akayanga ekhempini yokuziqeqesha yeBafana Bafana ngoMsombuluko ngaphambi komdlalo wabo ne-Ethiopia wokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ku-Scrolla.Africa isikhulu esiphezulu se-SAFA uTebogo Monthlante, othe umthetho we-FIFA uthi noma yimuphi umdlali ohluleka ukwenza umsebenzi wakhe kuzwelonke kuzodingeka aphuthwe yimidlalo emibili yeqembu lakhe.
“Sizobhalela i-Orlando Pirates incwadi lapho esizobacela khona ukuthi bangamfaki umdlali okukhulunywa ngaye emidlalweni emibili. Imithetho ye-FIFA iyasivumela ukuthi sifake isicelo esinjalo kuPirates. Umdlali akasinikanga isizathu esizwakalayo sokuthi kungani engazange afike ekhempini,” kusho uMonthlante.
Lo mdlali ubesefomini enhle kumaBhakabhaka selokhu kuqale isizini entsha. Ngenxa yalokhu, umqeqeshi weBafana uHugo Broos umnike ithuba lokudlala enethemba lokuthi uzomsebenzisa emidlalweni yabo elandelayo ne-Ethiopia.
UMonthlante uphinde wasishaya indiva isenzo seMamelodi Sundowns sokugoma abadlali bayo ngoMsombuluko. Isikhathi abakhethe ukwenza ngaso seDowns sibuzwe uBroos othe uzophoqeleka ukuthi ashiye umgadli wakhe uThabiso Kutumela.
UMonthlante, nokho, ukuqinisekisile ukuthi uKutumela ukanye neqembu ekhempini kanti uzohambela e-Ethiopia ngoLwesine ntambama.
Khonamanjalo, uBroos usale ethukuthele ngesenzo sikaMosele ngaphambi kwemidlalo ebalulekile. Lo mqeqeshi wase-Belgium uphoqeleke ukuthi avale isikhala sikaMosele ngomdlali wasesiswini weSuperSport United uJesse Donn.
“Angiphoxekile, ngithukuthele kakhulu. Angiqondi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umdlali owamukele isikhala sakhe sokuqala eqenjini lezwe angafiki nasekhempini,” kusho uBroos esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko. .
Njengamanje iBafana iphezulu ku-Group G ngamaphuzu amane ngemuva kokudlala imidlalo emibili. Umdlalo wokuqala nabase-Ethiopia uzobanjelwa e-Bahir Dar Stadium ngo-3 ntambama ngoMgqibelo kanti umdlalo wasekhaya uzoba e-FNB Stadium ngoLwesibili mhla ziyi-12 kuMfumfu.
Umthombo wesithombe: @OrlandoPirates