Lubhalwe nguRazeen Gutta
U-Adama Bojang oteketiswa ngelika-Gambian Hurricane wayeyisihlabani kwabaneminyaka engu-20 kwi-Africa Cup of Nations e-Egypt futhi angase athuthele kwelinye lamaqembu amakhulu aseYurophu.
Lo mdlali osemusha ushaye amagoli amane ngesikhathi esiza i-Scorpions yase-Gambia yafinyelela kowamanqamu lapho leli qembu eliqede khona endaweni yesibili ngemuva kwe-Senegal.
Njengamanje uBojang udlalela iSteve Biko FC esigabeni esiphezulu sebhola lase-Gambia; kanti ukudlala kwakhe kwakamuva kuhehe amaqembu afana ne-Tottenham Hotspur, i-Nottingham Forest kanye ne-Ajax.
Lo mdlali (18) ufisa ukulandela ezinyathelweni zeqhawe lakhe uCristiano Ronaldo ngokudlalela iqembu elikhulu i-Real Madrid, etshela i-BBC Sport Africa.
“Ngifuna ukufana noCristiano Ronaldo ngoba uyintandokazi yami uma kukhulunywa ngabadlali abanohlonze,” esho.
“Bengilokhu ngibuka amavidiyo akhe ku-YouTube ngemuva kwemidlalo. Ufaka ukuzololonga kwakhe lapho ngakho kwesinye isikhathi ngizama ukuwabuka bese ngizikhuthaza ngalokho.”
UBojang ujabule ngamathemba okuhamba kodwa uyazi ukuthi kuzomele ahlale engaguquki.
“Ngizwile ngalezi zindaba futhi ngijabule ngazo. Ziyangikhulisa. Ngigxile kakhulu ekutheni ngingaguquki nokuyinto engikhuthaza kakhulu ngoba ukubona amaqembu anjalo ekufuna kuwumuzwa omkhulu.
“Ukudlala kahle kuzobenza bangilambele kakhulu.”
Esithombeni esingenhla: U-Adama Bojang
Umthombo wesithombe: @foday_manneh_