Umdlali wase-Senegal uzoshiya i-Liverpool

Razeen Gutta

USadio Mané osize i-Liverpool ukuthi ikhuphukele esicongweni sebhola lase-Europe ngaphansi komqeqeshi uJurgen Klopp, uzoshiya leli qembu ngemuva kweminyaka eyisithupha.

Isinqumo somdlali wase-Senagal sokushiya i-Reds sibonakale ngemuva nje kokuthi leli qembu lihlulwe ngo 1-0 i-Real Madrid kowamanqamu we-Uefa Champions League ngoMgqibelo.

Njengoba kuqubuka amahlebezi okuthi angase ashintshelwe kwi-Bayern Munich, imibiko ikhomba ukuthi i-Liverpool ixhumane nomgadli uHarry Kane mayelana nokudayiselana okungenzeka.

UMané, inkontileka yakhe ye-Liverpool ephela ekupheleni kwesizini ezayo, akakasayini isivumelwano esisha futhi ukhethe ukunganikezi noma yisiphi isiqinisekiso kubalandeli be-Liverpool ngaphambi komdlalo obusisayo obuse-Paris izolo ebusuku.

“Lo mbuzo [ngekusasa lami] ngizowuphendula ngemuva kwe-Champions League, ukuthi ngiyahlala noma cha,” kusho uMané etshela i-Sky Sports.

Le nkulumo isuse umsindo omkhulu  kwabezindaba, ngoba ngokungafani nozakwabo kaMané, uMohamed Salah, owakubeka kwacaca ukuthi uzohlala okungenani unyaka olandelayo, lo mdlali wase-Senegal akazange asenze lesi siqinisekiso.

Ngemuva komdlalo ngoMgqibelo ebusuku, intatheli edumile yokudayiswa kwabadlali uFabrizio Romano ubike ukuthi uMané usenqume ukushiya leli qembu. Kusalindwe izitatimende ezisemthethweni zomdlali ne-Liverpool.

I-Bayern Munich ifuna ukuphothula isivumelwano sokusayinisa lo mdlali odle umhlanganiso kowe-Afcon, ngemali elinganiselwa ku-£30-million (u-R600-million) engase yenele ukuvikela iqembu lakhe ewindini elizayo, ngokusho kwe-L’Equipe.

Njengoba i-Liverpool isivele ilahlekelwe ngumpetha wayo uDivock Origi, umqeqeshi uJürgen Klopp uthe ubengumdlali ozimisele kakhulu ake wasebenze naye. I-Reds ibhekene newindi elimatasa lokushintshwa kwabadlali uma uMané engasayini inkontileka entsha.

Yilapho ukaputeni waseNgilandi uHarry Kane engena khona kulolu daba.

Kubikwa ukuthi i-Liverpool isezingxoxweni nomgadli (28) oshaye amagoli angu-17 eligi kule sizini, esiza i-Spurs ukuthi ingene ku-Champions League, ngokusho kwe-The Anfield Wrap.

Ukudayiswa kwabadlali kuzoba into enhle kwi-Reds. Kodwa-ke njengoba uKane yena ebiza u-£150-million (u-R3-billion) kusazobonakala ukuthi bazoyishintsha yini indlela yokudayiselana kwabo bese bemnikeza imali eningi.

Umthombo wesithombe: @SportsIllustrated

Scrolla World Cup Quiz