ILiverpool ishaye iChelsea ngamagoli amabili eqandeni sibonga umsebenzi omuhle owenziwe ngabadlali abathathu abadlala phambili owase-Senegal, owase-Egypt kanye nowase-Brazil emdlalweni wabo wangempelasonto.
USadio Manè wase-Senegal, uMo Salah wase-Egypt kanye noRobert Firmino wase-Brazil benze umsebenzi omuhle ngokuhlanganisa ukuhlasela ukuqeda amaphupho e-Chelsea.
Umbheki ubachaze nje” ngabadlali abangenazwelo, abangapheli Mandla.”
Kodwa obengumpetha wosuku kubenguManè ngamagoli amabili.
Igoli lokuqala elishaywe nguManè (bona ividiyo) yilo ebelilihle kakhulu ngalolu suku, kodwa bonke labahlaseli bobathathu babambe iqhaza elihle ebholeni ngaphambi kokuthi uManè alifake enethini.
Kube yiphutha likanozinti weChelsea uKepa Arrizabalanga lokuthi kungene igoli lesibili.
Lena kube yigema enkulu kakhulu yesizini kanti yenze ukuthi kube namathuba amancane okuthi iReds ibambe isicoco.
Omunye umdlali odlala isiswini wase-Brazil uFabinho ongene esikhundleni somunye ngenxa yokulimala udlale kakhulu.
Umphathi weLiverpool, owayedlalela umhlaba uJürgen Klopp, ubenokuningi akujabulelayo futhi ubencoma abadlali bakhe.
“Ngibone kahle sidlala ibhola namuhla futhi anginankinga nalokho. Ngiyithandile.”