Umdlali wase-Morocco uzimisele ukuqopha umlando

Razeen Gutta

U-Ines Laklalech wase-Morocco uthole indawo yokuqala ku-Ladies Open de France ukuze abe ngowesifazane wokuqala waseNyakatho Afrika nowase-Arab ukuwina isicoco ku-Ladies European Tour.

Bobabili uLaklalech kanye noMeghan MacLaren wase-England baqede endaweni ka-14 ngaphansi kwe-par okuholele kwi-playoff. Naphezu kwe-bogey emgodini wokuqala uLaklalech unqobile.

Lo wesifazane oneminyaka engu-24 ubudala uthe uyaziqhenya kakhulu ngale mpumelelo efike ekuseni kangaka emsebenzini wakhe.

“Ngiyaziqhenya ngengikufezile kuze kube manje. Bengilindele lukhulu ekuqaleni kwesizini. Bengingazi ukuthi ukunqoba kwami kuzofika ekuqaleni kwesizini yami yokuqala, kodwa kusobala ukuthi ngijabule kakhulu futhi ngiyaziqhenya, ”utshele i-BBC World Service Sport.

“Bengihlezi nginabesifazane abaqinile emndenini engibukela kubo. Ngiyethemba ukuthi abesifazane base-North Afrika nabase-Afrika bangakwazi ukufeza izinto kwezemidlalo futhi baphikelele emaphuphweni abo.”

ULaklalech uthe uthola ugqozi kwabanye besifazane baseNyakatho Afrika njengoba abafana no-Ons Jabeur bemkhombisa ukuthi i-Morocco inakho okudingekayo ukuze ingenele umqhudelwano wamazwe ngamazwe.

“Ngezinsiza esinazo lapha e-Morocco sinogqozi oluvela kumdlali wethenisi ovelele wase-Tunisia, uJabeurowenza kahle kakhulu njengamanje,” kusho lo mdlali.

“Uyangikhuthaza nami futhi lokho kusho ukuthi sinezinsiza zokusebenza emhlabeni jikelele. Ngijabule kakhulu futhi ngibheke ngabomvu ukubona ukuthi yini elandelayo ngekusasa lomsebenzi wami.”

Umthombo wesithombe: @AfroSportTV

Izihloko zakamuva