Umdlali wase-Ghana uchaza ngokusinda kweyokuzamazama komhlaba 

Umdlali wasesiswini wase-Ghana, uPriscilla Okyere uthe abufiki ubuthongo ngenxa yokuthi uma eke wavala amehlo kubuya isithombe sokuzamazama komhlaba e-Turkey.

Lo wesifazane oneminyaka engu-27 ubudala obesebenzela uhlangothi lwabesifazane base-Hatayspor usinde kule nhlekelele enzima eyenzeke ngoMsombuluko.

“Sekuphele izinsuku ezine ngingalali ngicabanga ngesimo engidlule kuso,” kusho u-Okyere etshela i-BBC Sport Africa.

“Ngisho nanamuhla besinayo indawo ephephile yokulala, kodwa ngiyasaba ukuvala amehlo kusukela ngehora lesihlanu ekuseni kuze kube manje.”

“Uma umuntu eshaya isicabha ngiyaphaphama ngoba nginovalo. Uma ngivala amehlo ngibona sengathi lento iyenzeka futhi.”

Ukuzamazama komhlaba sekubulale abantu abaningi kanti isibalo sabashonile kubikwa ukuthi singaphezu kuka-22,000 futhi kulindeleke ukuthi sikhuphuke ezinsukwini ezizayo.

U-Okyere wabelane ngokukhululeka kwakhe ekusindeni kokuzamazama komhlaba.

“Bengithukile ngikhala nsuku zonke futhi angikwazi ukucabanga ukuthi saba nenhlanhla kangakanani ukuphuma kuleso simo ngoba abantu abaningi abakwazanga ukuphuma.”

U-Okyere uthe ezinsukwini ngaphambi kokuzamazama komhlaba ithimba lonke lalizwe ukuzamazama okuncane.

Ngobusuku okwagadla ngabo ukuzamazama komhlaba, “Besiphuma emdlalweni e-Istanbul futhi sasingekho emakhaya kwaze kwaba ihora lesibili ekuseni.”

“Bekumele sigeze bese silala kancane. Ngiqale ngacabanga ukuthi ngiyaphupha ngoba selokhu sifikile e-Hatay ngizwe ukuzamazama komhlaba kabili. Ngezinye izikhathi ibhilidi belizamazama imizuzwana engu-30 bese liyama.”

Kodwa ukuzamazama kwalobu busuku bekungafani nokunye, okwenza abantu bakhathazeke ngokuthi kungase kube ukuzamazama komhlaba okunamandla. 

“Ngesikhathi kwenzeka bengicabanga ukuthi yinto evamile, kodwa ngibone ukuthi lokhu bekunamandla kakhulu kunangaphambilini,” kusho u-Okyere.

Inhlangano yonke yebhola lase-Turkey isiqale uhlelo lokululama kule nhlekelele.

Naye ovela e-Ghana, umdlali wasesiswini we-Hatayspor, uChristian Atsu kubikwe ukuthi ubevaleleke ngaphansi kwemfucumfucu ngaphambi kokuthi atakulwe.

Nokho, imibiko yakamuva iveze ukuthi u-Atsu usadinga ukutholakala.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Osesithombeni esingenhla: UPriscilla Okyere

Umthombo wesithombe: @CafWomen

Izihloko zakamuva