Umdlali wakuleli ushiye iqembu lase-Egypt

Menzi Magubane

Kubikwa ukuthi umgadli weBafana Bafana uPercy Tau useshiye i-Al Ahly.

Ukulimala kwakamuva kukaTau kuzwakala kuyinto eholele ekutheni umqeqeshi we-Al Ahly uRicardo Soares adedele lo mdlali.

Lo mdlali owake wadlalela iMamelodi Sundowns akazange adlale emdlalweni wangempelasonto ngenxa yokulimala. I-Ahly idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-Ismaily.

Ukulimala esikhundleni sokushaya amagoli kube yinto eyenze ukuthi uTau ahlale isikhathi esincane kwelase-Northern Africa.

Abanye bakhomba uPitso Mosimane ngeminwe bathi ukuhamba kwakhe kwi-Ahly yikhona okudale ukwehluleka kukaTau e-Egypt. Kodwa-ke uMosimane ukuchithile lokho wathi akawumoshanga umsebenzi kaTau.

“Ngesikhathi ngikhuluma noPercy, ngathi une-La Liga, i-Serie A kanye ne-Ligue 1 ngakho bheka kulezo zikhala. Uma uthola okuthile lapho, kungani ufuna ukuza lapha? Hlala lapho. Kodwa uma ungena lutho okungenani ungaya nami kwi-Club World Cup,” kusho uMosimane etshela abezindaba.

UMosimane wengeze ngokuthi nakuba ezwe ubuhlungu ngokushiya uTau ngemuva wenze isinqumo ngekusasa likaTau.

“UPercy uhlakaniphile, uyazinakekela futhi akayena umdlali obulala umsebenzi wakhe ngaphandle kwenkundla. Ngakhuluma naye ne-ejenti yakhe ngathi akongishayela ucingo. Ungishayele ucingo ngathi akeze. Ngiphatheke kabi ngokuthi ngimshiye lapho kodwa ngimshiye eqenjini elikhulu,” kusho uMosimane.

“Yebo ngeke sikwazi ukufihla indawo engihlala kuyona. Kodwa bekumele ngizenzele obekufanele ngizenzele khona. Futhi-ke ubengeke enze imali encane kunaleyo abeyenza kwi-Brighton. Unembeza wami umsulwa,” kusho uMosimane.

Kuyo yonke imiqhudelwano, uTau udlale imidlalo engu-31 washayela leli qembu lase-Egypt amagoli ayisishiyagalombili.

Ukulimala kwakhe selokhu ajoyina i-Ahly kumenze waphuthwa imidlalo embalwa kwiBafana Bafana ikakhulukazi ngaphansi kobuholi bukaHugo Broos.

Umbuzo uthi uTau uzoya kuphi ukusuka lapha? Ngokulimala kwakhe kwakamuva yiliphi iqembu elizozibeka engcupheni yokumsayinisa?

Umthombo wesithombe: @TheCitizen

Izihloko zakamuva