Umdlali wakuleli usayinwe i-Burnley FC 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Iqembu elidlala ku-English Championship i-Burnley FC yethule umdlali wakuleli uLyle Foster ngevidiyo emnandi ehambisana noShrek.

Ividiyo esabalele ikhombisa umlingisi uLord Farquaad odlala indawo kaShrek ebamba isibuko esikhombisa mayelana nokuthi ubani okufanele asayinwe njengomdlali omusha kuloMasingana.

ULord Farquaad unikezwe ithuba lokuthi akhethe kubantu abathathu: “okungumpetha wase-Argentina” uLionel Messi, umpetha wase-Portugal uCristiano Ronaldo bese kuba nguFoster.

“Umdlali wakuleli ophuma kwi-Belgium Pro League futhi usevele emele iqembu lakhe lesizwe washaya namagoli emazingeni aphezulu,” isibuko sigcine siveze uLyle Foster njengomdlali okumele asayiniswe. 

ULord Farquaad uqale wakhombisa ukungabaza kafushane ekugcineni wakhetha igama likaFoster. 

Lo mgadli wakuleli oneminyaka engu-22 ubudala angase azithole esedlala ibhola le-Premier League ngesizini ezayo njengoba i-Burnley izokhushulelwa esikhundleni.

Ama-Clarets asele ngamaphuzu ayisithupha esicongweni se-Championship.

Njengoba ngaphambilini ehlulekile ukuhlaba umxhwele ku-AS Monaco ngesikhathi eqala khona umsebenzi wakhe wase-Europe, uFoster ethuthela ku-Vincent Kompany ophethe i-Burnley kuyikhefu elikhulu.

Uma bekhushulelwa esikhundleni uzobe engumdlali wakuleli wakamuva ukudlala ku-Premier League kusukela kuPercy Tau.

UFoster uqedele ukusuka eqenjini lase-Belgium i-KVC Westerlo waya e-Turf Moor ngoLwesithathu. Ngenkontileka yakhe yeminyaka emine nesigamu, ube ngumdlali wesithathu kwi-Burnley osayiniswe ewindini  lokushintshana ngabadlali kuMasingana. 

“Kusukela ngesikhathi ngizwa ukuthi kunentshisekelo evela kwi-Burnley ngami, inhliziyo yami nekhanda lami laligxile eqenjini,” kusho uFoster ngemuva kokuphothula umnyakazo wakhe. “Ngijabule kakhulu ngokuba lapha futhi kuyiphupho lami.”

Njengoba lesi sihlabani seBafana Bafana sesidlale kwi-France, i-Portugal nase-Belgium kusukela ngo-2019 kanye nokuvumelana nezimo okuhlinzekwa i-Brexit, uyafaneleka ukuthola i-visa yokudlala ku-Premier League.

Angase adlale okokuqala ngoMgqibelo e-Ipswich Town.

Isithombe esingenhla: uLyle Foster

Umthombo wesithombe: Burnley FC

Izihloko zakamuva