Dylan Bettencourt
“Kwaze kwayihlazo ukuzwa unompempe engibiza ngenkawu,” kusho uLehlogonolo George Matlou owazalelwa eNingizimu Afrika ngemuva kwezinsolo zokuthi ubandlululwe ngunompempe wase-Portugal uNelson Cunha.
“Yebo, abazali bami abantu abamnyama. Ngisekela yonke impi elwa nokucwasa. Sonke siyalingana,” kusho yena ku-Twitter.
UMatlou, ongumdlali wasesiswini oneminyaka engama-22 odlalela i-AD Sanjoanense, uthole ikhadi elibomvu ngasekupheleni komdlalo bebhekene neSao Joao de Ver ngeSonto ebusuku.
Ngenkathi uMatlou eya kuCunha ongunompempe – umlawuli wezomthetho ebholeni – kuthiwa uthe: “Cha khuluma isiNgisi, futhi buyela ngaphakathi le nkawu encane.”
I-AD Sanjoanense, edlala esigabeni sesithathu e-Portugal, ikhiphe isitatimende maqondana nalesi sehlakalo.
“I-AD Sanjoanense ngalokhu ikhombisa intukuthelo nokuphoxeka okwenzeke ekupheleni komdlalo wabo obuphakathi neSao Joao de Ver,” kusho isitatimende.
“I-AD Sanjoanense, njengqembu elinomlando futhi eselicishe lahlanganisa ikhulu leminyaka, ngeke livumelane nalokhu okwenzekile futhi iqembu liyameseka uGeorge Matlou.”
Bathe balwela ukuthola amaqiniso nokumiswa kwalesi sikhulu.
UMatlou oqale wabolekwa iSanjoanense ngowe-2019 esuka kwiBidvest Wits uqedele ukudluliselwa kwakhe ngoMandulo ngowe-2020.
Umthombo wesithombe: @ TVI24