Umdlali usolwa ngokushushumbisa izidakamizwa

Razeen Gutta

Umgadli we-Spartak Moscow uQuincy Promes “usolwa ngokushushumbisa izidakamizwa. Lokhu kuza ngemuva kokuthi asolwe aphinde aphenywe ngecala lokuzama ukubulala ngo-2020.

Kusolakala ukuthi uPromes kanye namanye amalungu omndeni wakhe bathenga i-cocaine engu-4,000 kilogram, eyathathwa yiziphathimandla e-Belgium ngo-Mbasa ngo-2020.

Lo mthwalo wawubiza u-£100 million (u-R1.9 billion).

Lo mdlali (30), osedlale imidlalo engu-50 e-Holland futhi wadlala kwi-Euro 2020, waboshwa ngoZibandlela ngo-2020 mayelana necala lokugwaza.

Isisulu kukholakala ukuthi ngumzala wakhe, ngokwemibiko yabezindaba e-Netherlands.

Icala liyaqhubeka. Ngesonto eledlule abashushisi banyuse amacala okubulala nelokushaya bawabeka kwelokuzama ukubulala ukuze kusheshiswe ukuqulwa kwecala.

UPromes uchithe ubusuku obubili ejele kodwa ubelokhu ephika icala.

Entuthukweni entsha, i-outlet yaseDashi i-De Telegraaf ibike ukuthi uPromes ukuvumile ngokugwaza kwizincingo eziqoshiwe.

Izingcingo zakhe kuthiwa beziqashwe ngelokhozi ngenxa yezinsolo zokuthi uxhumene neqembu labahweba ngezidakamizwa.

Ukuqulwa okulandelayo kwecala enkantolo kuhlelelwe umhlaka-31 kuNdasa ngemuva kokuthi ummeli kaPromes amukele isicelo sommeli wesisulu sokuthi abekwe icala elinzima kakhulu.

Lowo owayengumdlali we-Ajax Amsterdam ushiye iqembu laseDashi wayodlalela iqembu lase-Russia okwesibili i-Spartak Moscow ngo-2021.

Ifu lezomthetho elilenga phezu komdlali alizange libonakale linomthelela efomini yakhe; njengoba eshayele iqembu lakhe igoli bedlala ne-Krasnador ngeSonto.

Lo mgadli osebenzisa izinto ezihlukahlukene udlale umdlalo wakhe wokuqala e-Netherlands ngo-2014 futhi useshayele izwe lakhe amagoli ayisikhombisa.

Umthombo wesithombe: @talkSPORT

Izihloko zakamuva