UMykhailo Mudryk ongumdlali wasesiswini we-Chelsea, uphendule umlandeli ongeneme ngendlela adlale ngayo ngokumphosela inselelo kumdlalo webhola wabo bobabili enikeza ngomklomelo ka-£10,000 (R240,000) kowinile.
Umdlali wase-Ukraine, uhambo lwakhe lwase-Chelsea oluye lwabonakala ngezikhathi ezimfushane uthole umlayezo ovela kumlandeli ebuza ngekhono lakhe ebholeni futhi ephakamisa isidingo sokuthi kumele azithuthukise indlela adlala ngayo .
“Kwenzakalani ngawe?” umlandeli uthumele umlayezo kuMudryk ku-Instagram, ebuza ukuthi usekhohliwe yini ukuthi lidlalwa ibhola futhi ephakamisa nokuthi kukhona okumele kushintshe.”
Lokhu kushintshana kwenzeke ngemuva kokuhlulwa kwe-Chelsea i-Wolves.
UMudryk obonakala ecasulwe yila mazwi ukhiphe inselelo yomdlalo nalomlandeli ngomklomelo ka-£ 10,000.
Lo mlandeli usichithile isicelo wathi uzokhokhela uMudryk ngegoli ngalinye alishayele iqembu esikhundleni salokho.
Ingxoxo yabo ifakwe ku-Instagram ngumlandeli owaziwa ngokuthi uFedor Sneaks noma uFedor Makarov, onabalandeli abangu-129,000.
UMakarov (20) uhlinzeka ngosizo lokuthengela osaziwayo, okuhlanganisa nabadlali ababedlalela i-Chelsea uKai Havertz, uTimo Werner, noBilly Gilmour lokhu kugqamisa ukuxhumana kwakhe emhlabeni webhola.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: UMykhailo Mudryk.
Umthombo wesithombe: X