
Dylan Bettencourt
Umdlali we-Manchester City uBenjamin Mendy uwaphikile amacala ayisishiyagalolunye ocansi okuhlanganisa nayisikhombisa okudlwengula.
Lo mdlali wasemuva kwesobunxele uvele eNkantolo yase-Chester Crown ngoMsombuluko.
UMendy umiswe ngompetha be-Premier League ngesikhathi ebekwa icala okokuqala ngoNcwaba nyakenye.
Uvele eNkantolo kanye nalowo asolwa naye uLouis Saha Matturie ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwecala ngomhlaka-25 kuNtulikazi.
Amacala abhekene nalo mdlali oneminyaka engu-27 ahlanganisa awokudlwengula ayisikhombisa, elokuzama ukudlwengula nelokuhlukumeza ngokocansi.
UMendy ubekwe amacala amane okudlwengula ngaphambi kokuthi abekwe amacala amabili ngemuva kwezinyanga ezimbili ebekwe icala.
Ngesikhathi uMendy ethweswa amacala ngoMsombuluko uvele waphendula ngokuthi “yena akanacala”.
Wonke amacala ayisishiyagalolunye kubikwa ukuthi enzeka ekhaya lomdlali wase-France phakathi kwaMfumfu ngo-2018 noNcwaba nyakenye.
Asolwa naye nguMaturie naye waliphika icala.
Nokho umsolwa oneminyaka engu-40 ubudala ubenamacala angu-12 okunukubeza ngokocansi okuhlanganisa namacala ayisishiyagalombili okudlwengula namane okuhlukumeza ngokocansi phakathi kukaNtulikazi ngo-2012 noNcwaba nyakenye.
Icala elizoqala ngoNtulikazi lizobandakanya amacala angu-21 okuhlukumeza ngokocansi abesifazane abangu-12.
Omunye walaba besifazane kuthiwa uneminyaka engaphansi kuka-18.
UMendy ujoyine i-Manchester City esuka e-Monaco ngo-2017 ngaleso sikhathi wakhokhelwa imali enkulu eyisivumelwano sika-R1 billion.
Akakaze abonakale eqenjini selokhu amiswa ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule futhi mancane amathuba okuthi aphinde abonakale kuleli qembu lase-Manchester.
Bobabili abamangalelwa basangaphandle ngebheyili.
Umthombo wesithombe:@Eurosport