Lubhalwe nguRazeen Gutta
Amaphoyisa abophe umdlali enkundleni ngesikhathi kunomdlalo webhola lezinyawo wesigaba sesibili e-Wales ngempelasonto.
I-Baglan Dragons ihlulwe ngamagoli amathathu kwelilodwa emdlalweni we-JD Cymru South ngoMgqibelo.
Umdlali oneminyaka engu-31 ubudala uphume ebhentshini washintsha umdlalo. Usize ekushayeni amagoli amabili wabe eseshaya igoli lokuwina ngomzuzu ka-85.
Kodwa ngaphambi kokuthi kukhale impempe yokugcina, amaphoyisa angena enkundleni ambopha ngecala lokweba.
“Kamuva udedelwe ngaphandle kwecala,” kusho okhulumela amaphoyisa e-South Wales etshela i-Mail Online.
Umphathi weqembu uSimon Berry ukhulume ngokwenzeke ngemuva komdlalo.
“Udlale kahle kakhulu, ungene enkundleni wawushintsha ngokuphelele umdlalo. Usize emagolini amabili asenze salingana wabe eseshaya igoli elisenze sawina,” kusho uBerry.
“Udlale kahle impela imizuzu engu-20, kwabe sekufika amaphoyisa amthatha.”
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukushaqeka kwabo ngokuboshwa kwalo mdlali.
Esithombeni esingenhla: Izithombe ezimangalisayo lapho umdlali webhola eboshwa enkundleni.
Umthombo: @stokeyyg2
