Dylan Bettencourt
Umdlali wasemuva we-West Ham uKurt Zouma uyalelwe ukuthi aqedele amahora angu-180 esebenzela umphakathi futhi uvinjelwe ukuba nekati iminyaka emihlanu kulandela ihlazo lokuhlukumeza ikati.
Lo mlisa wase-France wabonakala kwividiyo ekhahlela futhi eshaya ikati ngempama emzini wakhe ekuqaleni kwalo nyaka.
Lesi siqeshana sathwetshulwa ngumfowabo omncane uYoan Zouma naye obekwe icala lokuhlukumeza izilwane.
Zombili izelamani zigwetshwe ngesikhathi sokuqulwa kwecala okuyimizuzu engu-15 ngoLwesithathu lapho ijaji uSusan Holdham lithe laba babambe iqhaza esenzweni esiyichilo.
“Nobabili nibe nesandla kulesi senzo esiyichilo nesihlambalazayo. Kumele uqaphele ukuthi abanye babukela kuwe futhi abantu abasha abaningi bayafisa ukufana nawe,” kusho iJaji.
“Ikati libheke kuwe ukuthi unakekele izidingo zalo. Ngalolo suku ngoNhlolanja anizange nizihlinzeke ngezidingo zalo.”
UZouma uphinde wayalelwa ukuthi akhokhe izindleko zenkantolo zika-R175,000.
Umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala wavuma icala lokuhlukumeza emasontweni amabili edlule eNkantolo yeMantshi yase-Thames ngamacala amabili okuhlukumeza ikati ngokungenasidingo.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngesikhathi uZouma esola ikati lomndeni ngokulimaza isihlalo lapho ehlala khona.
Amakati amabili abonakala kwividiyo athathwa kuZouma ayobekwa kwenye indawo.
UZouma uhlawuliswe imali enkulu eqenjini lakhe le-Premier League okungu-R5 million kanye nokulahlekelwa izivumelwano zoxhaso olumzuzisayo njenge-Adidas.
Umdlali wangaphambilini we-Chelsea uphinde walahlekelwa indawo yakhe eqenjini lesizwe lase-France futhi akakaze aqokwe selokhu kwavela ividiyo
Umfowabo omncane uYoan udlalela iqembi le-National League i-Dagenham & Redbridge kodwa akakaze abonakale eqenjini kusukela ngasekupheleni kukaMasingana.
Umthombo wesithombe: @APNews