Umdlali osemusha uthi usekulungele ukuhola i-Gambia 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Unengcindezi enkulu uKajally Drammeh we-Cape Town City njengoba kuyena yedwa umdlali we-PSL ku-Afcon yabangaphansi kweminyaka engu-20 e-Egypt. 

Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala usethathe igxathu elikhulu, futhi usesize i-Gambia yafinyelela kowamanqamu ngoMgqibelo njengoba izohlangana nomakhelwane bayo base-West Afrika, i-Senegal.

UDrammeh ukholelwa ukuthi iNdebe yezizwe ye-Africa yabangaphansi kweminyaka engu-20 ka-2023 kanye neNdebe Yomhlaba yeqembu labadala ye-Fifa, inkundla ekahle yokuthola amathuba aphesheya kwezilwandle.

Leli qembu labangaphansi kweminyaka engu-20 likwazile ukungena kwiNdebe yoMhlaba ezosingathwa i-Indonesia phakathi kuka-20 kuNhlaba nomhlaka-11 kuNhlangulana. 

“I-Afcon yabadlali abangaphansi kweminyaka engu-20 iyinkundla yesibili enkulu kuthina ngemuva kweNdebe Yomhlaba,” kusho uDrammeh etshela i-Scrolla.Africa.

“Yebo lesi isiteji esikhulu kakhulu futhi esingasivulela iminyango sonke. Inhloso yami ukwenza kangcono futhi ngithole ukuqashwa amaqembu ahlukene futhi ngiwine iNdebe yoMhlaba.”

Lesi sihlabani se-City sishaye igoli elilodwa kulo mqhudelwano oqhubekayo, sasiza iqembu lakhe lashaya i-Zambia ngamagoli amabili eqandeni esigabeni samaqoqo.

Lena i-Afcon yesibili yabangaphansi kweminyaka engu-20 ngemuva kokudlala njengomdlali oneminyaka engu-17, ngo-2021 e-Mauritania ngesikhathi i-Gambia idla ubhedu.

“Lo muhle impela,” kusho uDrammeh. “Kuyilungelo elihle kakhulu ukumela izwe lami futhi ngiyaziqhenya ngalokhu.”

“Iyodwa into esibeka lapha sifuna ukunqoba i-Afcon. Wonke umdlalo siyawuhlonipha nokuyiyona ndlela esifike ngayo kulesi sigaba, ngakho sigxile ku-Senegal futhi sifuna ukuqopha elinye irekhodi lokunqoba le Ndebe.”

Okwenza i-Gambia ibe ngompetha be-Afcon yabangaphansi kweminyaka engu-20, indlela abashaye ngayo i-Nigeria kowandulela owamanqamu kanye nokunqoba bebhekene ne-Tunisia kweyamaqoqo.

UDrammeh usadlale imidlalo emine kanti usaphuthelwe i-quarter-final kuphela.

Ujoyine i-Cape Town City esuka ku-Real Banjul ekuqaleni kwesizini futhi usedlale imidlalo engu-19 kuyo yonke imiqhudelwano.

Isithombe esingenhla: UKajally Drammeh odlalela e-Gambia

Umthombo wesithombe: I-Cape Town City

Izihloko zakamuva