Dylan Bettencourt
UDaniil Medvedev ubeyintandokazi yabaningi njengoba edlulele kowamanqamu akwi-Southern Open. Kodwa kube nokuqophisana ngamazwi kwividiyo eqoshiwe ibonakalisa ukudinwa kwakhe ephuma kumqhudelwano.
UMedvedev ubonakala ephahlaza ikhamera ephinde equmba phansi umuntu ophethe ikhamera ngenkathi ejahe ukuyokwenza i-baseline short.
Lo obediniwe oqhamuka e-Russia ukhahlele ikhamera watshela obeyiphethe ukuthi “susa lento phambi kwami buka sengicishe ngaziphula isandla”.
UMedvedev ohleli kwinombolo yesibili emhlabeni wonke, kungenzeka ukuba ubesendleleni yokuphuma kulomcintiswano ngenkathi engqubuzana nekhamera, kodwa lengozi ibingeke imusize ekutholeni amathuba.
Kuyakhombisa ukuthi ubesacasulwe ingozi ngenkathi enqaba ukukhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
U-Andrey Rubley aqhudelane naye uthole inombolo eyi-2-6, no-6-6, kanye neyi-6-3 ngenkathi bedlala imidlalo yokwandulela owamanqamu kwi-Cincinnati.
URubley uthe lesi sigameko siyamkhathaza “Ngiyavuma, isikhathi esikuso siyingozi akukho kuhle kubasubathi ngoba bangalimala. Ngiyathemba ukuba uyaphila futhi uphephile. Ngendlela adlale ngayo bekungabonakali ukuba khona okwenzekile”.
URubley osefike kowamanqamu azoqhudelana kuwo no-Alexander Zverev, uzozizwa enokuzithemba ngemuva kokuba enqobe umcintiswano edlala nentandokazi. Ngenyanga edlule lo wase-Russia uthole indondo yegolide kuma-olimpiki e-Tokyo ayengonyaka wezi-2020 ngenkathi edlala kwimidlalo exubile emibili.
Umthombo wesithombe: @TheIndependent