Umdlali odumile uholele iqembu lakhe kweye-Finalissima

Razeen Gutta

INingizimu yeMelika ibibhekene ne-Europe ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi i-Argentina inqoba umdlalo ngamagoli amathathu eqandeni ibhekene ne-Italy enkundleni yase-Wembley. 

I-Argentina manje isifinyelele emidlalweni engu-32 ingakahlulwa ngaphansi kokuphathwa nguLionel Scaloni futhi inesinye isicoco esibonisa ngemizamo yabo enkundleni.

Ngemuva kokuthi i-Argentina ishaye i-Brazil kowamanqamu we-Copa America nyakenye, i-Italy yaphuma phambili kowamanqamu we-Euro 2020 ihlula i-England kanti i-Conmebol ne-Uefa yaxhawulana ngokubuya kwe-Artemio Franchi Cup ebikade ivaliwe.

Le midlalo eqanjwe kabusha ngokuthi i-Finalissima kulo nyaka isiza uLionel Messi athole indebe yesibili yamazwe ngamazwe agcine efinyelele ezingeni lakhe empini yakhe noCristiano Ronaldo. 

Lo mdlali udlale ngendlela emangalisayo wenza obekufanele akwenze kwahlokoma inkundla yase-Wembley. 

I-Argentina ibibukeka iyiqembu elizimisele kakhulu kusukela uqala umdlalo belisebenza ngokuzikhandla ngaphambi nje kwesigamu sehora ngesikhathi uLautaro Martinez eqedela ukufaka ibhola alinikwe uMessi.

U-Angel Di Maria uphinde wajabulisa leli qembu ngokushaya into ecokeme ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini njengoba i-Italy ikhombisa ukungabi namdlandla kulandela ukuhluleka kwayo ukungena eNdebeni yoMhlaba ye-Fifa.

Isiwombe sesibili besibhekene neqembu laseNingizimu neMelika njengoba iqembu likaScloni beliphasa kahle ibhola kanti uMessi uthole inqwaba yamathuba futhi ubeyingozi waze wafika ekugcineni unikeze uPaulo Dybala ibhola ukuze ashaye igoli lesithathu esigabeni sokugcina somdlalo.

I-Italy izobe inethemba lokuthi izobuyela emuva njengoba ibheke kwi-Uefa Nations League. Umkhankaso wabo uqala ngemidlalo yasekhaya ibhekene ne-Germany kanye ne-Hungary phakathi nesonto elizayo ngaphambi kokuthi babuyele e-Wembley ukuzobhekana ne-England ezinsukwini eziyishumi.

I-Argentina izobhekana ne-Estonia kule mpelasonto ngaphambi komdlalo wabo wobungani olindelwe ngabomvu ne-Brazil ngoMgqibelo ozayo.

Scrolla World Cup Quiz