Umdlali nephupho lokuwina isicoco 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo


UHarry Kane ongumdlali webhola ubehlale esenqenqemeni lokuthandwa noma ukukhohlwa ngabaningi.

Lo mgadli wase-England ubethembeke ngokwedlulele eqenjini lakhe i-Tottenham Hotspur futhi ubedlala ngezinga eliphezulu okumenze wangaba nguKaputeni kuphela eqenjini lakhe, kodwa waba umshayimagoli ovelele.

Akungabazeki ukuthi uKane ungomunye wabagadli abahamba phambili emlandweni webhola lomhlaba futhi ukudlala kwakhe kuyamangalisa. 

Kodwa usahlalelwe ukuwina iNdebe eyodwa enkulu futhi ukushaya amagoli amaningi akusho lutho ngaphandle kokubonisa indondo yesiliva.

Sekuyisikhathi eside imibiko iphakamisa ukuthi uKane angakhetha ukushiya kwi-Spurs ngethemba lokuwina iNdebe enkulu ukuze aqinise isimo sakhe sokuba umdlali ongumpetha.

Nokho isizini nesizini uKane uyabambeka emzamweni wokufeza lelo phupho lokuwina indebe neqembu lakhe.

Kodwa isikhathi siyahamba futhi uKane usalelwe izinyanga ezimbalwa kuphela ukuba ahlanganise iminyaka engu-30 njengoba esasezihlelweni zokufeza iphupho lakhe.

UKane ungumdlali ofika kanye kwisizukulwane futhi ungumdlali ozokwazi ukushaya amagoli kunoma iliphi iqembu.

Kwi-Tottenham useshaye amagoli angu-204 ku-Premier League kanti ujaha irekhodi lika-Alan Shearer lamagoli angu-260.

Sekukonke lo mgadli usehlohle amagoli angu-275 emidlalweni engu-425 kuleli qembu lase-London.

Kodwa i-Mirror ibike ukuthi uKane ubonakala ebheke ngasemnyango wokuphuma ewindini lokudlulisa elizayo.

I-Spurs isiyazi ukuthi izodlala enye isizini ngaphandle kweNdebe futhi nomphathi u-Antonio Conte kubukeka sengathi uxoshiwe, imibiko ithi uKane usendleleni yokuphuma.

Umbuzo uthi uKane uzoyaphi? 

Ngaphandle kokungabaza uzofuna iqembu elizimisele futhi elilangazelele ukuwina iNdebe.

I-Manchester United iqembu elikade libheka abadlali ngamasizini adlule, kodwa i-Real Madrid ithungatha ozovala isikhala sikaKarim Benzema.

Into eyodwa anesiqiniseko ngayo ukuthi noma iliphi iqembu azongena kulo uzofike ashaye amagoli.

Isithombe esingenhla: UHarry Kane

Umthombo wesithombe: @SpursOfficial

Izihloko zakamuva