Umdlali engcupheni yokunqanyulelwa inkontileka 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UPierre-Emerick Aubameyang angase anqanyulelwe inkontileka yakhe ne-Chelsea ekupheleni kwale sizini ngemuva kokuthi avakashele i-Barcelona ngempelasonto.

Lo mdlali (33) oqale ukudlalela i-Chelsea kulo nyaka ubekhona ngesikhathi i-Barcelona ishaya izimbangi zayo i-Real Madrid ngo 2-1 ngendlela emangalisayo ngeSonto.

Njengoba ashayela i-Barcelona amagoli angu-13 emidlalweni engu-23 nyakenye, lo mdlali wase-Gabon wenza iphutha lokufudukela e-West London ehlobo.

UThomas Tuchel wayefuna lo mdlali owayedlalela i-Arsenal, kodwa waxoshwa ngemuva nje kokuthi kwenziwe isivumelwano. Uma kubhekwa ukungabibikho kuka-Aubameyang eqenjini lakamuva, kubonakala sengathi umqeqeshi omusha uGraham Potter uncamela ukufaka abanye abadlali enkundleni.

Kuvele izithombe zika-Aubameyang egubha ngaphakathi egumbini lokugqokela le-Barcelona ngemuva kokuwina kowe-El Clasico. I-Spanish SPORT sibike ukuthi ngesikhathi elapho uveze isifiso sakhe sokubuyela kwi-Barcelona.

Inkontileka yakhe ye-Chelsea iphela ngo-2024. Kodwa-ke, ngokusho kwe-GOAL, i-Chelsea izovuleleka ukuyinqamula kusasele unyaka ukuze imsize ukuthi abuyele e-Spain.

Esithombeni esingenhla: UPierre-Emerick Aubameyang

Umthombo wesithombe: @deadlinedaylive

Izihloko zakamuva