Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
- Izinsizwa ezinhlanu zidutshulwe emini kwabha zihleli esakhiweni saseMfuleni.
- Esinye isisulu bekufanele siye esikoleni sokusoka ngosuku esibulawe ngalo.
Umama odayisa izinyawo zenkukhu ngaphandle kwesakhiwo sendodana yakhe ubukele eswele amandla ngesikhathi kufika oshayasibhamu bezobulala ingane yakhe nabanye abane eMfuleni, eKapa.
Isigameko sokudubula senzeke ngezikhathi zokugamanxa kwehora lokuqala emini ngeSonto ezakhiweni zasrMadikizela. Izisulu zineminyaka ephakathi kweyishumi nesishiyagalolunye kanye nengamashumi amathathu. Akukaboshwa muntu.
Amaphoyisa athi ukubulawa kwabantu kwakamuva kungase kuhlobane namacala okuqola abantu osekuhlasele eNtshonalanga Kapa muva nje.
“Ngibabone bebeka isikhwama esikhulu phezu kwe-braai stand yami mina bengisasiza ikhasimende. Ngathi uma ngiphenduka ngabona isibhamu esikhulu kunazo zonke engake ngazibona empilweni yami. Ngijwayele ukubona izibhamu ezinjengalezi emafilimini kuphela,” kusho umama ososizini.
Ngemuva kwesikhashana, kwaqhuma izibhamu emjondolo wendodana yakhe. Wathi uma eseyobheka wafica izidumbu ezinhlanu.
“Omunye wabangani bakhe bekufanele aye esikoleni sokusoka ntambama e-Eastern Cape. Konke bese kuhleliwe. Okubuhlungu wukuthi uvele wabulawa,” esho.
Isikhulu samaphoyisa eNtshonalanga Kapa, uLieutenant General Thembisile Patekile, uthe oshayasibhamu ababili bavulele ngenhlamvu bebhekise eqenjini ebelingaphakathi emjondolo.
“Sisola ukuthi inhloso yokudubula ihlobene nokuqolwa kwabantu. Umnikazi womjondolo ophakathi kwabashonile ubenecala enkantolo,” kusho uPatekile.
Izisulu ezimbili bezinamacala ahlobene nezidakamizwa kanye nawokuzama ukubulala kusukela ngonyaka ka-2017/2018.
“Abasolwa bebethungatha omunye wabaholi bezigebengu ojwayele ukucasha kulo mjondolo, bathe mabengamfici badubula kwasani ebeyingaphakathi,” kusho uPatekile.
Amaphoyisa athole u-R100 ongumkokotelo ufakwe ngaphezu komnyango wesakhiwo, abaseshi bawuthatha njengobufakazi.
Esithombeni esingenhla: Kudutshulwe kwabulawa amadoda amahlanu engaphakathi esakhiweni ezakhiweni zaseMadikizela elokishini laseMfuleni, eKapa.
Umthombo Wesithombe: Buziwe Nocuze