Umdansi wakuleli wenze izimanga eBritain

Umdansi wakuleli uMusa Motha uqophe umlando ngokuthola i-golden buzzer neqembu lakhe kwi-Britiain’s Got Talent ngeminyakazo yakhe emangalisayo.

UMusa (27) walahlekelwa umlenze wakhe ngenxa yomdlavuza esemncane eneminyaka eyishumi ubudala.

Usebenzisa izinduku ezimbili ukuze ahambe – kodwa esiteji se-British’s Got Talent usebenzisa induku eyodwa ukuze enze imjikelezo yakhe yokudansa ehlaba umxhwele.

UMotha utshele amajaji ukuthi wayedlala ibhola ngaphambi kokungena emdansweni. Ngemuva kokunqunywa umlenze wacela abangani bakhe ukuthi bamfundise ukudansa.

Ukwenza kahle kwalo mdansi (27) obedansela ingoma ethi-(Lose It All) eculwa uNaughty Boy ngokuhlanganyela noBeyoncé kunconywe ababukeli “njengomdanso ohamba phambili kweyake yaba khona” futhi kumzuzise kakhulu.

Isixuku siqale samemeza ukuthi anikwe i-golden buzzer kodwa ngeshwa amajaji ebesephelelwe ama-golden buzzer – ngoba bekuwumjikelezo wokugcina.

I-golden buzzer inika abaqhudelanayo indawo kuma-semi-final abukhoma alo mncintiswano okusho ukuthi beqa isigaba se-bootcamp somncintiswano.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Amajaji e-Britain’s Got Talent uBruno Tonioli no-Amanda Holden bekhala ngemuva komdanso omangalisayo kaMusa Motha ngesikhathi u-Alesha Dixon noSimon Cowell bemhalalisela.

Umthombo wesithombe: ITV

Izihloko zakamuva