Umdansi wakuleli osemncane udle umhlanganiso kweyomhlaba

Doreen Mokgolo

Ukubhanqa umsebenzi wesikole kanye nokuzilolonga akuzange kuvimbe uNaledzi Thobejane ekufezeni iphupho lakhe lokudansa ezingeni lomhlaba.

Umdansi we-ballerina (9) wasePitoli – ozifundise yena i-ballet ngokubuka abadansi kumabonakude – udle umhlanganiso kowe-World Lyrical Dance Championship obubanjelwe e-Dublin, e-Ireland ngomhlaka-31 kuNtulikazi.

Ubencintisana esigabeni se-ballet lyrical.

UNaledzi uhlungele umncintiswano womhlaba ngemuva kokuwina indondo ye-American Dance Award kanye ne-Special Challenge Award ngoMfumfu ngemuva nje kwezinyanga ezimbili ejoyine isikole somdanso sendawo.

Unina kaNaledzi, uMande Thobejan, uthe namanje akakholwa ukuthi bakwazile ukukhokhela uhambo lwendodakazi yakhe oluya e-Ireland ukuyoqhudelana.

“Angisebenzi futhi ngesikhathi ngithola ikhotheshini yohambo ngibonile ukuthi ayikho indlela yokuthi singakwazi ukukhokha u-R64 000 wazo zonke izindleko.

“Angikwazanga ukumtshela ukuthi asinayo imali edingekayo ngakho ngiye nganquma ukufuna iminikelo,” esho.

Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kosuku lokuvala, umndeni uthole umnikelo ovela kumxhasi ongaziwa.

UNaledzi ungumdansi we-ballet ozifundise yena; ubebukela kakhulu izinhlelo zokudansa zakumabonakude.

Umama wakhe uchaze ukuthi waqala ukubona intshisekelo kaNaledzi yokudansa eneminyaka emihlanu kuphela.

Kodwa akazange anake ngoba i-ballet yayingadumile endaweni yangakubo.

Ngesikhathi bethuthela ePitoli nyakenye, umama kaNaledzi wanquma ukumfaka esikoleni sokudansa njengento azoyenza uma ebuya esikoleni.

“Ngesikhathi uthisha wakhe womdanso engitshela ukuthi bamfake emqhudelwaneni womhlaba ngivele ngacabanga ukuthi usanda kuqala ukufunda ukudansa ukuthi angangenela, kodwa uthisha uye wangiqinisekisa ukuthi usekulungele ukuncintisana,” esho.

UNaledzi uthole indondo yesiliva emenze wahlungela ukuncintisana emlenzeni wokugcina walo mqhudelwano.

UMande Thobejan uthe akakholwanga ngesikhathi kumenyezwa igama lendodakazi yakhe futhi imenyezelwa ukuthi iwinile.

“Kuke kwaba nezinsuku lapho okwakumele enze khona umsebenzi wesikole phakathi kokuzilolonga futhi ubebuya esitudiyo ebusuku esebenzisa amatekisi kodwa akakaze adikibale,” esho.

UNaledzi uthe uwine lo mncintiswano ngenxa yokusebenza kanzima nangokukholelwa kuyena: “Sengiyazi ukuthi kungenzeka noma yini uma ngisebenza kanzima,” esho.

Izihloko zakamuva