Umdansi uWandi Ndlovu uselandele imali engcono eNigeria

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Owazakhela udumo ngohlelo oluthi “This Body Works For Me”, uWandi Ndlovu usethuthele eLagos e-Nigeria, ukuze enze umsebenzi wokuba umdansi wendawo yokucima ukoma yasebusuku.

UWandi kuthiwa usebenza njengomdansi eSilverfox Exotic Night Club eVictoria Island eLagos.

“Akakwazanga ukunqaba imali ibiyinhle kakhulu,” kusho umngani kaWandi etshela iZimoja.

UWandi ongusaziwayo futhi odayisa ngomzimba, kubikwa ukuthi udayise zonke izinto zakhe wavala ibhizinisi lakhe eNingizimu Afrika ukuze akwazi ukuhamba.

“Uholelwa ngamadola. Akazimisele ukuhlala ehlupheka eNingizimu Afrika. Ngiyajabula ukuthi uye lapho angakwazi khona ukwenza imali,” kusho umngani.

“Wenza imali eyengeziwe laphaya futhi uyilokho okudingekayo.”

Umngani uthe umndeni wakhe usekhona.

“Uphinde wavala ibhizinisi lakhe lezimpahla zokugqoka abezidayisa ngokusebenzisa i-inthanethi (online) kodwa ucabanga ukuqhubeka nalo eNigeria uma esezinzile,” kusho umngani.

“Umama wakhe akajabule neze ngalesi sinqumo, kodwa uWandi unenkani futhi wenza umathanda. Kodwa uthe mhlawumbe ngemva konyaka noma ngaphezulu uzobuya noma aye phesheya kwezilwandle.”

Osesithombeni esingenhla: UWandi Ndlovu.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva