Sizwe Sibiya
Usuku Lwentsha Lukazwelonke namhlanje sithatha isikhathi sibheka emuva eminyakeni engu-50 edlule, lapho kwenzeka khona izinguquko ezinkulu ohlelweni lwezemfundo kwelakuleli kwaba nezinguquko ngisho nasemculweni eMzansi.
Ukubuka umculo we-soul ne-African jazz owaqalwa abangasekho uHugh Masekela, u-Abdullah Ibrahim noJonas Gwangwa ngeminyaka yango-1950 no-1960 umgqashiyo nesicathamiya, iyona mkhiqizo yomculo wesintu eyasungulwa phambilini ebizwa ngokuthi cothoza mfana kanye nombaqanga yabusa yonke indawo ngo-1970.
Ezingxenyeni zezwe ngaleso sikhathi umculo we-disco yaseNyakatho neMelika kanye ne-punk rock yase-United Kingdom yayinabaculi bakuleli abafana nomculi ongasekho uJacob “Mpharanyana” Radebe, iqembu lamakhaladi elibizwa ngokuthi i-The Flames kanye ne-Harare behlonishwa kakhulu.
Iqembu lomculo i-Flames lalihlanganisa izingwazi ezimbili uBlondie Chaplin noRicky Fataar abathathwa iqembu elidumile laseMelika i-The Beach Boys ukuthi babe ingxenye yalo.
Ngesicathamiya iqembu laKwaZulu-Natal elaziwa ngokuthi i-Ladysmith Black Mambazo lawina imiklomelo eminingi yama-Grammy futhi kubikwa ukuthi ngaleso sikhathi ibidla anhlamvana kuleli nasemazweni angaphandle nge-albhamu yabo yokuqala yango-1973 eyayinesihloko esithi Amabutho eyadayisa amakhophi angaphezu kuka-25,000, kanti futhi le-albhamu iyona eyokuqala eyathola i-plaque yegolide njengabaculi abamnyama kuleli.
Ngesikhathi i-Soul Brothers ne-The Movers bedansa ezindaweni zokucima ukoma kusukela e-Soweto eGoli kuya eMlazi eThekwini kwavela uhlobo olusha olubizwa ngokuthi i-bubblegum ngeminyaka yango-1980 ivezwa uBrenda Fassie, uYvonne Chaka Chaka noChicco Twala. Babesebenzisa umculo wabo ukuveza uvo lwabo ngokumelene nobandlululo.
Ngeminyaka yango-1980 umculo awugcinanga ngokuthi ujabulise abantu, kodwa wawuqwashisa umhlaba wonke ngokwenzeka eMzansi ngaphansi kombuso wobandlululo.
UFassie wakhipha izingoma ezidumile ze-bubblegum ezifana nethi-Weekend Special kanye nenye ethi-Too Late for Mama ngo-1989. Udumo lwakhe nomculo wakhe lwaqala ngo-1990 ngemuva kokuba umakadebona womzabalazo waseMpumalanga Kapa uNelson Mandela ekhululwe ejele ngemuva kweminyaka engu-27 eboshiwe.
Ngo-1992 indlovukazi edume ngomculo wokholo yase-Afrika uRebecca Malope owayeqhudelana noFassie no-Chaka Chaka, benza ingoma ne-bubblegum wakhulula i-albhamu yakhe yokuqala yomculo wokholo kanye ne-albhamu yesitudiyo yesikhombisa enesihloko esithi Rebecca Sings Gospel eyethula umculo wokholo wase-Afrika emhlabeni wonke.
UMalope usekhiphe ama-albhamu angu-36 esewonke. I-albhamu yakhe yokugcina ethi Nkosi Umuhle iphume ngo-2019.
Ngokukhululwa kukaMandela kanye nokhetho lokuqala lwentando yeningi olwaqala ukusebenza ngonyaka ka-1994 izakhamuzi okuhlanganise nabaculi baqala ukusebenzisana njengoba base bekwazi ukuhamba ngokukhululeka ngaphandle kwemithetho yobandlululo eyayiphoqelela ukuhlukaniswa ngokobuhlanga.
Futhi lokho kwenza umculo we-kwaito wakhula kwaqala umculo we-hip hop we-rap kuleli ngokusho kwe-Carla Lottering ye-SouthAfrica.co.za.
Njengoba umzabalazo wezombangazwe wawusuphelile futhi amasango omhlaba evulekile, abaculi bakuleli bakwazi ukuthuthukisa izinga lomculo lifane namanye amazwe ekukhiqizeni bakwazi nokusungula i-Afrohouse yokuqala eyayigxile kakhulu ezinsimbini ekuqaleni konyaka ka-2000.
Abaculi abafana noDJ Oskido, uBlack Coffee neBlack Motion nabanye abambalwa sebethuthukise umculo ngendlela ehlukile nangendlela yesimanje.
Njengoba i-inthanethi idlala indima ebalulekile ekuthuthukisweni komculo emhlabeni jikelele ngokufunda koDJ bamazwe ngamazwe nokusebenzisa izinto ukwenza umculo, abaculi bakuleli bathuthukise uhlobo lomculo we-kwaito nomculo we-gqom ngemuva kweNdebe Yomhlaba ye-Fifa ka-2010 kodwa manje sekukhona ama-piano.
Zombili lezi zinhlobo zomculo i-gqom kanye nama-piano zidume kakhulu emalokishini aseMzansi njengoba zikhiqizwa ngokusebenzisa ikhompyutha nombhobho kuphela uma kudingeka.
Ngesigqi esinesivinini esigxile kukho kokubili izinsimbi namazwi kuyenzeka libe khona ivesi noma lingabi khona, uhlobo lo mculo wama-piano belungenakuvinjwa eminyakeni embalwa edlule ngemuva kokuthi ludume ngo-2018.
Yize umculo usuthuthukile wathatha esinye isigqi abaculi abaningi bakuleli basacula u-mbaqanga, umaskandi, isicathamiya, i-jazz kanye ne-kwaito ngoba abanye abantu basakuthokozela ukulalela lolohlobo lomculo.
Khonamanjalo ama-piano ayathuthuka futhi aseletha izinhlobo ezimbalwa ezifana ne-sgija okukhona umculo we-gqom kuhlanganiswe nama-piano okufaka ne-jazz nomculo we-Afro-deep house.