Umculo uholele uZama ukuthi alahle amaphupho akhe okuba ngudokotela

Xolile Nkosi

Njengentombazane yesikole, uZama Khumalo wayezibona engudokotela egqoke ingubo emhlophe efake ne-stethoscope entanyeni yakhe.

Kodwa ama-Idols afike akushintsha konke lokho.

Njengamanje lo mculi oneminyaka eyi-18 wase-Emalahleni eMpumalanga ufuna ukufundela umculo hhayi okunye. Ufuna ukungena esigabeni somhlaba ngezwi lakhe elimtoti.

“Ngemuva kokuqeda isikole ngowezi-2018 ngathatha i-gap year ngoba bengingenaso isiqiniseko sokuthi ngifuna ukufunda ini. Ngemuva kwalokho umngani wami nobaba bangikhuthaza ukuthi ngiyongenela ama-Idols,” kusho uZama etshela abakwa-Scrolla.Africa.

Uthe, wayengenantshisekelo ngoba wake wazama ukungenela ama-Idols nyakenye ngeSizini ye-15 kodwa akazange aze afike kuma-TV auditions.

“Ngaphoxa futhi ngakholwa ukuthi ama-Idols akusiyo into yami. Kodwa ubaba nomngani wami babelokhu bengigqugquzela. Ngagcine sengivuma ukwenza ama-auditions ngenxa yabo,” kusho uZama.

UZama wamangala ngesikhathi efinyelela kuma-auditions avela kumabonakude, kodwa wacabanga ukuthi mhlampe uzophuma ngeviki uma sebehlangene bonke nabanye e-theatre.

“Ukuya kowamanqamu ama-Idols bengingakucabangi nhlobo,” kusho uZama.

UZama uthe, ukungena kwisigaba sabayi-16 kwakungathi iphupho.

“Kuyo yonke indlela engiyihambile kulo mncintiswano ubaba wami ubengikhuthaza ethi, ngingakwenza lokhu,” kusho uZama.

“Ngibe sengihlala phansi ngabona ukuthi ngazalelwa ukuba ngumculi.”

Ingoma kaZama i-Ndizobizwa iyona emvulele indlela yaqala nohambo lwakhe kwezomculo.

Uhlela ukungena estudiyo bese eqala ukuqopha i-albhamu ephelele.

“Angifuni ukukhetha uhlobo olulodwa lomculo ngoba ngikholwa ukuthi izwi lami lingacula noma yiliphi iculo. Ngifuna ukuqhubeka nokumangaza abalandeli bami,” kusho uZama.

Izihloko zakamuva