Sizwe Sibiya
Ngemuva kokukhishwa kwengoma yakhe ethi-“Good Shepherd”, umculi uPebetsi Makgamatha uzoshiya umaka wakhe endimeni ephakeme yomculo wokholo nge-albhamu yakhe yesine.
UPebetsi ulindele ukuthi iphrojekthi yakhe yakamuva, okungeyesine eminyakeni eyi-16 esemculweni, ikhishwe ezinyangeni ezizayo ngaphansi kwelebuli yakhe yokuqopha, ebizwa ngokuthi iPebetsi Production.
Uzalelwe esizweni esicebile sa-Bapedi e-Ga-Manyaka, e-Limpopo, kanti ukuhluka kukaPebetsi kulolu hlobo lomculo wokholo kuholele ekutheni i-SABC imnike ithuba lokumsiza ngokuthwebula ividiyo yomculo eshisa izikhotha.
Uke wadonsa amehlo alesi siteshi ngokucula kwakhe ngesi-Pedi kwividiyo yomculo enesabelomali esiphansi yengoma ethi-“Kabelo Yaka” (Isipho Sami), ayithumela ohlelweni lwaso lomculo wokholo, i-Gospel Gold, ngowezi-2007.
UPebetsi uthe washaqisa othisha bakhe besikole samabanga aphansi eneminyaka eyisishiyagalombili “ngezwi lakhe lokucula elimtoti”, okwaholela ekutheni ikhwaya yesikole sakhe ithandwe kakhulu futhi ingenele imncintiswane.
Waklonyeliswa ngendondo ye-“Best Leading Voice” ngowe-1996 ngothisha bakhe besikole samabanga aphakeme, futhi kusukela lapho akaphindanga wabheka emuva.
UPebetsi wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi-Kabelo Yaka ngowezi-2006, ngesikhathi ephothula i-diploma ye-Commercial Education e-Tshwane University of Technology.